Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 2:5 - IsiZulu 2020

5 Usekhumbula izikhulu zakhe, ziyakhubeka ohambeni lwazo, ziphuthuma ongangeni lwakhona, izivikelo ziyalungiswa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Useyakhumbula izikhulu zakhe, ziyakhubeka ekuhambeni kwazo; zisheshela izingange zakhona, izivikelo ziyalungiswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Uyokhuluma ngokufaneleka kwakhe; bayakukhubeka ekuhambeni kwabo; bayophuthuma odongeni lwakhe, futhi isivikelo kumelwe silungile.

Gade chapit la Kopi




UNahume 2:5
9 Referans Kwoze  

Izizwe ziyakuzwa ngehlazo lakho, ukukhala kwakho kugcwale umhlaba; ngokuba iqhawe liyakukhuba elinye, awe omabili kanyekanye.”


Abelusi bakho balele, nkosi yase-Asiriya; abahloniphekileyo bakho bayaphumula; abantu bakho bahlakazekele ezintabeni, akekho obaqoqayo.


Abagibeli bamahhashi bayawagadulisa, kumenyezela inkemba, kunyazime ukhonto, baningi ababuleweyo nezindumbu ezidindilizile, akukho ukuphela kwezidumbu; abantu bayakhubeka ngezidumbu zabo,


“Bizani abemicibisholo, balwe neBhabhele; bonke abansala umnsalo, nikanise nxazonke zalo, kungaphunyuki namunye; niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengoba nalo lenzile, ngokuba lizikhukhumezile, ladelela uSimakade oNgcwele ka-Israyeli.


Balungisa itafula, bendlala izindwangu, bayadla, bayaphuza. Hhayi bo, zikhulu, sukumani! Gcobani amahawu.


Akukho noyedwa oyokhathala, akhubeke kuso; akekho oyokozela, alale; ibhande ezinkalo zabo aliyuqaqeka, nomchilo ezicathulweni zabo awuyukugqabuka,


Amasango emifula asevuliwe, isigodlo siyabhidlika.


Amahhashi aso agijima ukwedlula izingwe, eyesabeka kunamankentshane ebusuku; abagibeli bamahhashi aso bayagabadula, futhi bavela kude abagibeli bamahhashi aso, bandiza njengokhozi luphuthuma elizokudla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite