Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 2:3 - IsiZulu 2020

3 Izihlangu zamabutho akhe zibomvu, amadoda anamandla agqoke okubukhwebezane, izinqola zensimbi zibengezela umlilo ngosuku azilungiselela ngalo, imikhonto iyaveva.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Izihlangu zamaqhawe akhe zibomvu, amadoda anamandla embethe okubomvu; izinqola zibengezela umlilo ensimbini ngosuku lokuzilungisela kwakhe; imikhonto iyaveva.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Isihlangu samaqhawe akhe sibomvu, amaqhawe agqoke okubomvu;

Gade chapit la Kopi




UNahume 2:3
13 Referans Kwoze  

Kwabonakala futhi esinye isibonakaliso ezulwini; nango udrago omkhulu, obomvu, onamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. Emakhanda akhe wayenemiqhele eyisikhombisa.


Kwase kuphuma elinye ihhashi elibomvu, nogibele kulo wanikwa ukuba ayoqeda ukuthula emhlabeni, ukuze abantu babulalane; wanikwa futhi nenkemba enkulu.


Lila msayiphuresi, ngokuba umsedari usuwile, phela izihlahla ezinkulu sezicelwe phansi. Khihlani isililo mi-okhi yaseBhashani, ngokuba ihlathi elicinene seligawuliwe.


Enqoleni yokuqala kwakukhona amahhashi abomvu, kweyesibili kunamnyama,


Ngabona umuntu ebusuku egibele ihhashi elibomvu, wama phakathi kwezihlahla zombomvana ezazisemhosheni, emva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, amahwaqahwaqa, namhlophe.


Ngisho imisayiphuresi nemisedari eLebhanoni, iyathokoza ngawe, ithi: ‘Selokhu walaliswa phansi, akukho mgawuli okhuphukele kithi ukuba asigawule.’


Umgodla uyakhehlezela, kubenyezele umkhonto nengcula.


bayakuza kuwe bakuthelekele ngezikhali, izinqola, okunamasondo, nesixuku sabantu, bayakukuvimbezela nxazonke ngamahawu nezihlangu, nezigqoko zempi. Ngiyakubanika igunya lokwehlulela, bayakukwehlulela ngezehlulelo zabo.


“ ‘ “Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, sengizomyisa eThire uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ukuba amelane nalo evela enyakatho, nguye oyinkosi yamakhosi; unamahhashi, izinqola zempi, abagibeli bamahhashi, nesixuku esikhulu samabutho.


Kuqhuma isiswebhu, nomsindo wokugodlozela kwamasondo, nogabadula kwamahhashi, nokugxuma kwezinqola.


Usudliwa yingulube yehlathi, uqothulwa yizilwane zasendle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite