Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 2:1 - IsiZulu 2020

1 Lowo ocekela phansi uzokuhlasela, qapha inqaba, ubheke emgwaqweni, uqinise ukhalo, uqinise izikhwepha ngokwedlulele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kukhuphukela umchithi kuwe; gcina inqaba, ulinde indlela, uqinise izinkalo zakho, uwenze amandla akho ukuba aqine.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ochobozayo ukhuphukele phambi kwakho; londa izikhali, linda indlela, qinisa izinkalo zakho, uqinise amandla akho kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UNahume 2:1
14 Referans Kwoze  

Kepha uma uphuma nabo ngokuba uthi wenzela ukuba iqine impi yakho, uNkulunkulu uyakukuqumba phansi phambi kwezitha zakho, ngokuba uNkulunkulu unamandla okuqumba phansi nokusiza.”


Yeka ukunqunywa nokwephulwa kwesando somhlaba wonke, yeka ukwenziwa kweBhabhele incithakalo ezizweni!


eyashaya abantu ngentukuthelo ingaphezi, yabusa izizwe ngolaka nangokucindezela okunganqandekiyo.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke,


Wena oyizwayo imikhuleko, bonke abantu beza kuwe.


Isixuku sezizwe ezazilwa ne-Ariyeli, zilwa nalo nenqaba yalo, zilicindezela, ziyokuba njengesiphepho nanjengombono ebusuku.


Kuyofana nalapho umuntu olambile ephupha edla, kodwa avuke esalokhu elambile, noma owomileyo ephupha ephuza, kepha avuke eyethile wukoma. Siyoba njalo-ke isixuku sezizwe zonke ezilwa nentaba iZiyoni.


Zinhle kangakanani ezintabeni, izinyawo zomemezela ukuthula, noletha izindaba ezinhle; ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyabusa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite