Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 1:15 - IsiZulu 2020

15 Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho Juda, feza izifungo zakho, ngokuba omubi akasayukudabula futhi kuwe. unqunywe ngokupheleleyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho, Juda, ugcwalise izithembiso zakho, ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Bhekani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. O Juda, gcina imikhosi yakho, ugcwalise izithembiso zakho, ngoba omubi kasayikudlula kuwe; unqunyiwe ngokuphelele.

Gade chapit la Kopi




UNahume 1:15
21 Referans Kwoze  

Zinhle kangakanani ezintabeni, izinyawo zomemezela ukuthula, noletha izindaba ezinhle; ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyabusa.”


Bayakushumayela kanjani uma bengathunywa na? Njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Yeka, zinhle kangakanani izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”


Walithumela izwi kubantu bakwa-Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu uKhristu; okunguYena oyiNkosi yabo bonke.


Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi, ngokuba nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke,


“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”


“Niyakukwazi-ke ukuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu ohlala eZiyoni, intaba yami engcwele. IJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayukudabula futhi kulo.


Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Ziyoni, ugqoke izingubo zakho zakwanokusho, wena Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayukungena kuwe ongasokile nongcolileyo.


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


“ ‘Nansi-ke imikhosi emisiweyo kaSimakade, imihlangano engcwele eniyoyimemezela kubo ngezikhathi ezimisiweyo:


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilena imikhosi kaSimakade emisiweyo engiyimemezelayo kini ibe yimihlangano engcwele, iyimikhosi yami emisiweyo.


Kepha uSimakade uyalezile ngawe ukuthi akusayukuphinde kutshalwe egameni lakho, endlini yonkulunkulu bakho ngiyakunquma isithombe esibaziweyo nesithombe esibunjiweyo, ngiyakwenza ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.


Mina ngingowokuqala okumemezele eZiyoni, nganika iJerusalema isithunywa sezindaba ezinhle.


Ihlane nemizi yalo makujabule, nemizana okwakhe kuyo abakwaKedari, abakhileyo eSela mabajabule bathokoze, mabenanele beseziqongweni zezintaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite