Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 1:14 - IsiZulu 2020

14 Kepha uSimakade uyalezile ngawe ukuthi akusayukuphinde kutshalwe egameni lakho, endlini yonkulunkulu bakho ngiyakunquma isithombe esibaziweyo nesithombe esibunjiweyo, ngiyakwenza ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kepha uJehova uyalezile ngawe ukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma izithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo; ngiyakulungisa ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UJehova wayala ngani ukuba kungabe kusahlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma isithombe esibaziweyo nesithombe esibunjiweyo; ngoba ukhohlakele.

Gade chapit la Kopi




UNahume 1:14
21 Referans Kwoze  

Abozalo lwakhe mababhujiswe, lesulwe igama labo esizukulwaneni esisazolandela.


Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziweyo nezinsika zakho onazo, ungaphindi futhi ukhothamele imisebenzi yezandla zakho.


Ukukhunjulwa kolungileyo kuyisibusiso, kepha igama lezikhohlakali liyakubola.


Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki, unkulunkulu wakhe, u-Adirameleki noSarezeri, amadodana akhe, ambulala ngenkemba, abalekela e-Ararathi. U-Esari Hadoni, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


“Esikhundleni sakhe kuyakuvela odelelekileyo, abangamnikanga udumo lobukhosi; uyakufika ngesikhathi sokuthula, athathe umbuso ngobuqili.


“Memezelani, nihlabe umkhosi phakathi kwezizwe, niphakamise ibhanela, nikumemezele lokhu ningakufihli, nithi: ‘IBhabhele liyakunqotshwa, uBheli athelwe ngehlazo, uMerodakhi abhujiswe, izithombe zalo zithelwe ngehlazo, imifanekiso yalo ibhujiswe.’


Yizwani nina enikude engikwenzileyo; nani eniseduze, vumani amandla ami.


Isiphrofetho ngeGibhithe. Bheka, uSimakade ugibele efini elisheshayo, uyeza eGibhithe; onkulunkulu baseGibhithe bazothuthumela phambi kwakhe, nezinhliziyo zabaseGibhithe ziphele amandla phakathi kwabo.


Yiba yidwala lami lokukhosela, engiza kulo njalo; uyalezile ukuba ngisindiswe, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.


USimakade wathumela ingelosi eyabhubhisa wonke amaqhawe anamandla, nabaholi, nezinduna enkanjini yenkosi yase-Asiriya. Yabuyela ezweni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo, abozalo lwayo bayibulala ngenkemba khona lapho.


Ngimtshelile ukuthi ngizoyehlulela indlu yakhe kuze kube phakade, ngesiphambeko asaziyo; lokhu amadodana akhe azehlisele isiqalekiso, akaze awakhuza.


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, ngibhidlize ama-althare enu empepho, izidumbu zenu ngizilahle phezu kwezithombe zenu ezifihlikileyo; umphefumulo wami uyonengwa yini.


“ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade.


Kuyakuphela ukukhunjulwa kwaso emhlabeni, kungabi bikho okhumbula igama laso emigwaqweni.


Ngiyakusiphula izinsika zo-Ashera bakho onabo, ngishabalalise imizi yakho.


Amacebo owenzile athele indlu yakho ngehlazo ngokubulala abantu abaningi wenza isono kuwe uqobo.


TEKEL: ulinganisiwe esilinganisweni, ufunyenwe ulula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite