Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 9:8 - IsiZulu 2020

8 Izingubo zakho azihlale zimhlophe, nekhanda lakho lihlale ligcotshwe ngamafutha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Izingubo zakho mazibe mhlophe ngezikhathi zonke, nekhanda lakho malingasweli amafutha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Izingubo zenu mazibe mhlophe njalo; ikhanda lakho lingasweli amafutha.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 9:8
15 Referans Kwoze  

Amaviyo empi yasezulwini amlandela, egibele amahhashi amhlophe, embethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.


Wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo, elikhazimulayo nelihlanzekileyo.” Ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo zabangcwele ezilungileyo.


Emveni kwalokho ngabona: kwakunesixuku esikhulu esasingenakubalwa muntu sivela ezizweni zonke, emindenini, kubantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla.


Qaphelani, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze babone ihlazo lakhe.


Ngangingadli sinkwa sekhethelo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye, kwaze kwaphela amasonto amathathu.


Udeka itafula phambi kwami, kubuka izitha zami. Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.


Ngesikhathi uMoridekhayi ephuma esigodlweni wayegqoke ingubo yasebukhosini enokuluhlaza sasibhakabhaka nokumhlophe, umjiva welineni elicolekileyo elibukhwebezane, nomqhele omuhle ocwebezelayo wegolide. Kwachwaza umuzi waseShushani ngomsindo wenjabulo nentokozo.


UMefibhoshethi indodana kaSawule, wehla naye wayohlangabeza inkosi; wayengazigezanga izinyawo zakhe, engasigundile isilevu sakhe, noma ahlanze izingubo zakhe, kusukela ngosuku inkosi eyahamba ngalo kwaze kwaba lusuku eyabuya ngalo ngokuthula.


Geza, uziqhole ngamakha, ugqoke kahle bese wehla uye esibuyeni. Ungaqale uziveze kuye engakaqedi ukudla nokuphuza.


Kepha, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho,


Baphuza iwayini ngezindebe, bazigcobe ngamafutha ekhethelo, kodwa abadabuki ngokubhujiswa kukaJosefa.


UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke inzilo, ungazigcobi ngamafutha, ube njengowesifazane oselile izinsuku eziningi elilela ofileyo,


Awuligcobanga ikhanda lami ngamafutha, kepha lo wesifazane uzigcobile izinyawo zami ngamafutha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite