Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 9:18 - IsiZulu 2020

18 Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kodwa isikhohlakali sisinye sibhubhisa okuhle okuningi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, ngokuba oyedwa owonayo angachitha okuhle okuningi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kepha isoni sinye sichitha izinto eziningi.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 9:18
22 Referans Kwoze  

Amadoda ase-Ayi abulala amabutho angama-36 empi yakwa-Israyeli, ayixosha eyisusa ngasesangweni yaze yayofika eShebharimi, ababulala emthambekeni. Izinhliziyo zabantu zadikibala, zaphelelwa ngamandla.


Kepha abantu bakwa-Israyeli abethembekanga mayelana nezinto ezaziqalekisiwe. U-Akhani, indodana kaKharimi kaZabidi kaZera wesizwana sakwaJuda, wathatha ezinye zezinto ezaziqalekisiwe; ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwavuthela bonke abantu bakwa-Israyeli.


Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kungcono kunamandla,” ngisho noma ukuhlakanipha komuntu ompofu kwedeleleka, namazwi akhe engashaywa mkhuba.


Njengokuba uJane noJambre bamelana noMose, kanjalo nalaba bamelana neqiniso, bangabantu abangqondo yabo yonakele, abehlulekayo ekukholweni.


U-Akhani, indodana kaZera, akenzanga yini isiphambeko ngokuqalekisiweyo, kwathi yonke inhlangano yakwa-Israyeli yehlelwa yintukuthelo, na? Akazange abhubhe yedwa ngenxa yesiphambeko sakhe.’ ”


Wenza okubi emehlweni kaSimakade, njengezinengiso ezazenziwa ngabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Ngabona ukuthi ukuhlakanipha kungcono kunobuwula, njengoba nokukhanya kungcono kunobumnyama.


Ngokuba ukuvikeleka kokuhlakanipha kufana nokuvikeleka kwemali, kodwa ubuhle bolwazi nokuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.


Kakhulu kangakanani-ke ukuba abantu bebeyidlile impango yezitha abayitholile, ngabe ababulalanga yini amaFilisti amaningi kakhulu na?”


Ukukhohlakala kwakho kuthinta abanye abantu abafana nawe, kanjalo nokulunga kwakho kuthinta abanye abantu.


Ukuhlakanipha kuletha amandla kumuntu ohlakaniphile, edlule ababusi abalishumi abasemzini.


Izimpukane ezifile zenza amakha abe nephunga elibi; kanjalo nobuwula obuncane buyakwedlula ukuhlakanipha nodumo.


Uma imbazo ibuthuntu, umuntu engayilolanga, usebenzisa amandla amakhulu; kodwa ukuhlakanipha kuletha ithuba lempumelelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite