Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 9:11 - IsiZulu 2020

11 Kukhona okunye engakubona phansi komthunzi welanga: umncintiswano wokugijima awuyi ngajubane, nempi akusiyo eyabanamandla, nakudla kohlakaniphileyo, namcebo, nampumelelo kwabanamakhono, kodwa isikhathi nethuba kubehlela bonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngabuya ngabona phansi kwelanga ukuthi ukugijima akusikho okwabanejubane, nokulwa akukho kwabanamandla, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ingeyabantu abanengqondo,

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 9:11
35 Referans Kwoze  

Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.


Ngathi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uzobehlulela abaqotho nezikhohlakali, ngokuba yonke indaba nomsebenzi kubekelwe isikhathi sakho.”


Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe.


kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,


wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, zakhamuzi zaseJerusalema, nawe nkosi Jehoshafathi: usho kanje kini uSimakade, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ingekaNkulunkulu.


“Kepha uyomkhumbula uSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba nguye okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe afunga ngaso kokhokho bakho, njenganamuhla.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


“Onejubane makangakwazi ukubaleka, neqhawe malingaphunyuki; elingasenyakatho eceleni komfula u-Yufrathe, bayakukhubeka, bawe.


Bheka umsebenzi kaNkulunkulu; ngubani ongaqondisa akugobisileyo na?


Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


Ngase ngibuye ngicabangisisa ngokuhlakanipha, ngobuhlanya nangobuwula, ngokuba angenzani lowo ongaphansi kwenkosi na? Ngaphandle kwalokho osekuvele kwenziwe.


Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,


U-Absalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi, umArikhi, singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uSimakade wayenqumile ukuba kubhuntshe iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uSimakade amehlisele okubi u-Absalomu.


Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”


UDavide wamehlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala, kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.


bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Kuthe lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi iseluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, wabuyela ekhaya, emzini wakhe. Wafika khona wahlela izindaba zomuzi wakhe, wayesezilengisa, wafa, wangcwatshwa ethuneni likayise.


Uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kungizuzele yonke le mfuyo.’


Bhekani, uma zenyuka nawo ngendlela esemngceleni waseBhethi Shemeshi, yazini ukuthi nguNkulunkulu ka-Israyeli osehlisele lobo bubi obukhulu. Uma kungenzeki kanjalo, kuyobe sehlelwe yingozi nje.”


Amaqhawe aphangiwe, alala obokugcina, akukho qhawe elikwaze ukusebenzisa izandla zalo.


ukunikeza ukuqonda izaga nezisho ezifihlakele, izisho zabahlakaniphe kakhulu neziphicaphicwano zabo,


Isiphetho sabo bonke siyefana: abalungile nabangalungile, abahle nababi, abahlanzekile nabangcolile, abethula imihlatshelo nabangayethuli. Njengoba enjalo umuntu olungileyo, sinjalo nesoni; nanjengoba enjalo ofungayo, unjalo nobalekela isifungo.


Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.


“Ningasho kanjani, nithi: ‘Singamaqhawe namabutho anamandla okulwa na?’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite