Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 9:1 - IsiZulu 2020

1 Konke lokhu ngakucabangisisa enhliziyweni yami, ngihlola ukuthi kungani abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma luthando noma yinzondo, akekho umuntu okwazi konke okuphambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngokuba konke lokho ngakubeka enhliziyweni yami ukuhlola konke lokho ukuthi abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma kuluthando noma kuyinzondo, akukho muntu okwaziyo; konke kusebusweni babo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngalokho ngacabanga enhliziyweni yami ukuba ngimemezele konke lokhu ukuthi abalungileyo nabahlakaniphileyo kanye nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; akakho owazi uthando nenzondo kukho konke okuphambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 9:1
31 Referans Kwoze  

Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; baholelwe ngasezinyaweni zakho, bayakwemukela okwamazwi akho.


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Kunento eyize eyenziwa emhlabeni: kukhona abantu abalungile abehlelwa yizinto ezifana nezehlela ababi, nabantu ababi okwenzeka kubo izinto ezenzeka kwabalungileyo. Ngithi: “Nalokho kuyize.”


Esandleni sakhe kukhona imiphefumulo yakho konke okuphilayo, kanjalo nomoya wabo bonke abaphilayo.


okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.


Simakade, uzosenzela ukuthula, ngokuba yonke imisebenzi yethu siyenzelwe nguwe.


Gingqela imisebenzi yakho kuSimakade, ukuze amasu akho aphumelele.


Umoya wami ngiwubeka esandleni sakho, ungikhululile, Simakade, Nkulunkulu weqiniso.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


Isiwula sikhuluma amagama amaningi, kodwa akukho muntu owaziyo ukuthi kuzokwenzekani, nongasho ukuthi yini ezolandela uma sesifile?


Lapho ngifunisisa ngengqondo yami ukwazi ukuhlakanipha nokubona umsebenzi owenziwa emhlabeni umuntu engalali ubusuku nemini,


Umqondo wami ngawuguqulela ekwazini ekufuneni, nasekuphenyisiseni izinto zonke, nokwazi ububi bobuwula, nokuthi ubuwula bungukuhlanya.


Ngikubone konke kulokhu kuphila kwami okuyize: umuntu oqotho efela ebuqothweni bakhe, nomuntu omubi ephila isikhathi eside ebubini bakhe.


Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu.


Ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ababi bephumelela.


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


“Kepha mina bengiyakumfuna uNkulunkulu, kuNkulunkulu bengiyakuyibeka indaba yami,


Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.


Kubo uthando nenzondo nomona sekuphelile, abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi komthunzi welanga.


abesilisa, abesifazane, izingane, amadodakazi enkosi, bonke abantu uNebuzaradani, induna yabalindi, ayebashiye kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, uJeremiya umphrofethi, noBharukhi indodana kaNeriya,


Bhekani, nina nonke nikubonile, kungani senenza okuyize na?


akazi ukuthi kuzokwenzekani, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi izokwenzeka kanjani?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite