Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 8:9 - IsiZulu 2020

9 Konke lokhu ngakubona ngesikhathi ngicabangisisa ngengqondo yami zonke izinto ezenzeka phansi komthunzi welanga. Kunesikhathi lapho umuntu ebusa abanye, kube ngukulimala kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngabona konke lokho, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga ngesikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Konke lokhu ngakubona, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga; kukhona isikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 8:9
15 Referans Kwoze  

Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.


Ngibone ububi obudabukisayo phansi komthunzi welanga; ingcebo egcinwe ngumniniyo imlethela usizi.


Umqondo wami ngawuguqulela ekwazini ekufuneni, nasekuphenyisiseni izinto zonke, nokwazi ububi bobuwula, nokuthi ubuwula bungukuhlanya.


Ngiwubonile umshikashika uNkulunkulu awunike abantu ukuba babe matasatasa ngawo.


Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu!


Kodwa uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, akasivumelanga ukuba sidabule ezweni lakhe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wawenza lukhuni umoya wakhe, wamenza waba nenkani enhliziyweni yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.


Amanzi abuyela amboza izinqola zempi, nabagibele amahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyayibalandela; baminza olwandle, akwaze kwasala namunye.


Amadodana kaZedekiya abulawa phambi kwakhe, uZedekiya amkhipha amehlo, ambopha ngamaketanga, amyisa eBhabhele.


Phezu kwalokho ngabona ukuthi phansi komthunzi welanga, esikhundleni sobulungiswa, kunenkohlakalo; esikhundleni sobuqotho, kunobubi.


Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


Impela ukucindezelwa kwenza ohlakaniphile isiwula, ukufunjathiswa kuyayilutha inhliziyo.


Lapho kunamaphupho amaningi, kukhona nokuyize, namazwi angelutho amaningi, kodwa mesabe uNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite