Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 8:8 - IsiZulu 2020

8 Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuvimbe, noma amandla phezu kosuku lokufa. Akekho okhululekile empini, kanjalo nobubi abunakubakhulula labo ababenzayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye, futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa; ukukhululwa akukho empini, nobubi abunakukhulula umninibo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Akakho onamandla phezu komoya ukuba agcine umoya; futhi akanamandla ngosuku lokufa, futhi akukho ukugeleza kuleyo mpi; nobubi abuyikubasindisa labo abaphiwe kubo.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 8:8
21 Referans Kwoze  

Ngubani oyophila angakuboni ukufa, akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo na? Sela


Uma imihla yakhe inqunyiwe, nenani lezinsuku zakhe zikuwe, uwumisile umkhawulo wakhe, akasoze aweqa.


Njengokuba futhi kumisiwe ukuba abantu bafe kanye, emva kwalokho kube ngukwehlulelwa,


ngokuba nithe: “Senze isivumelwano nokufa, sivumelene nendawo yabafileyo; lapho isiswebhu esiyishoba sedlula, asiyukuza kithi, ngoba amanga siwenze ayisiphephelo sethu, sacasha phansi kwenkohlakalo.”


Ngubani owaziyo ukuthi umoya womuntu uyenyuka kuthi owesilwane wehlele emhlabeni na?”


Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.


Izikhohlakali ziyakubuyela endaweni yabafileyo, yebo, zonke izizwe ezikhohlwa nguNkulunkulu.


Ngokuba wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, kodwa uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kepha lapho sibhekene nani, sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu.


kuhlwanyelwa kunokudelwa, kuvuswa kunenkazimulo; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka, kuvuswa kunamandla.


Isivumelwano senu nokufa siyochithwa, ukuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuseyukuma; lapho isiswebhu esikhukhulayo sedlula, siyonifihliza.


Uma ebeyakuzibheka Yena, azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,


Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakubuye aqoqwe. UNkulunkulu akakususi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


Bawalandela baze bayofika eJordani; bheka, yonke indlela yayigcwele izingubo nezimpahla ama-Aramu ayezilahlile lapho ebaleka. Izithunywa zabuya, zayitshela inkosi.


Kodwa akuzukubahambela kahle ababi, izinsuku zabo zokuphila azizukweluleka njengethunzi, ngoba abahambi ngokwesaba phambi kukaNkulunkulu.


Umuntu akanakuma ngenkohlakalo, kepha impande yabalungileyo ayiyukunyakaziswa.


Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; kunjengezinhlanzi ezibanjwa enethini elinonya, nezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo nabantu babanjwa ogibeni olubi, oluyisikhathi esibafikela bengazelele.


Ubuzizwa uvikelekile ebubini bakho, waze wathi: ‘Akekho ongibonayo.’ Ukuhlakanipha nokwazi kwakho kukudukisile; wathi enhliziyweni yakho: ‘Yimi, yimi kuphela, akekho omunye.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite