Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 8:7 - IsiZulu 2020

7 akazi ukuthi kuzokwenzekani, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi izokwenzeka kanjani?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 lokhu engazi okuyakuba khona, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi kuyakuba kanjani na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngoba kakwazi okuzakuba khona; ngoba ngubani ongamtshela ukuthi kuzakuba nini?

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 8:7
14 Referans Kwoze  

Isiwula sikhuluma amagama amaningi, kodwa akukho muntu owaziyo ukuthi kuzokwenzekani, nongasho ukuthi yini ezolandela uma sesifile?


inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engalulindele nangehora engalaziyo,


Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; kunjengezinhlanzi ezibanjwa enethini elinonya, nezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo nabantu babanjwa ogibeni olubi, oluyisikhathi esibafikela bengazelele.


ngokuba inhlekelele izobehlela ngokuzuma. Ngubani owazi ukubhujiswa okungalethwa yibo bobabili na?


Ngakho-ke nani hlalani nimi ngomumo, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ningazelele.


Konje ngubani owaziyo ukuthi yini enhle kumuntu ngesikhathi esaphila lezi zinsukwana zempilo yakhe eyize, eyedlula njengethunzi na? Ngubani ongasho kumuntu ukuthi yini ezokwenzeka phansi komthunzi welanga nxa esefile na?


Ngakho-ke ngabona ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngomsebenzi wakhe, ngokuba lokho kuyisabelo sakhe; ngubani ongamenza abone okuyakwenzeka nxa esefile na?


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


Ngosuku lwempumelelo, jabula; ngosuku lwenhlupheko, qaphela; nguNkulunkulu ozenzile zombili lezi zinsuku. Ngakho-ke umuntu ngeke akwazi ukubona okuyoba khona uma esefile.


UHamani wathi: “Ngisho nendlovukazi u-Esteri ayimemanga muntu omunye edilini ngaphandle kwami nenkosi, nakusasa ngiyaphindela, mina nenkosi isimemile,


Ungazigabisi ngekusasa, ngoba awazi ukuthi usuku lukuphatheleni.


Konke lokhu ngakucabangisisa enhliziyweni yami, ngihlola ukuthi kungani abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma luthando noma yinzondo, akekho umuntu okwazi konke okuphambi kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite