Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 8:17 - IsiZulu 2020

17 ngabona yonke imisebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu ngeke ayiqonde yonke imisebenzi eyenzeka phansi komthunzi welanga. Noma umuntu angazihlupha kangakanani eyifunisisa, ngeke ayithole, noma ohlakaniphile angathi uyazi, ngeke ayifumane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ngase ngiqonda wonke umsebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu akanakuwubamba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga, ngokuba noma umuntu eshikashikeka kangakanani ukuwuhlola, angewuthole, yebo, nakuba ohlakaniphileyo ecabanga ukuthi uyawazi, akanakuwuthola.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngabona wonke umsebenzi kaNkulunkulu, ukuthi umsebenzi owenziwa phansi kwelanga akanakukwazi; yebo ngokuqhubekayo; noma ohlakaniphileyo ethi uyakwazi, nokho angeke akuthole.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 8:17
13 Referans Kwoze  

Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho, kwaba luhlupho emehlweni ami,


Awuzange wazi yini? Awuzwanga yini na? USimakade unguNkulunkulu ongunaphakade, uMdali wemikhawulo yomhlaba, akapheli amandla, akakhathali; nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.


Yena owenza izinto ezinkulu, ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


Njengalokhu ungazi ukuthi umphefumulo ungena kanjani emathanjeni esibelethweni sowesifazane okhulelweyo, kanjalo kawuwazi umsebenzi kaNkulunkulu owenza izinto zonke.


Simakade Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe, uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.


Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo.


Bheka umsebenzi kaNkulunkulu; ngubani ongaqondisa akugobisileyo na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite