Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 8:16 - IsiZulu 2020

16 Lapho ngifunisisa ngengqondo yami ukwazi ukuhlakanipha nokubona umsebenzi owenziwa emhlabeni umuntu engalali ubusuku nemini,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Lapho ngibeka inhliziyo yami ukukwazi ukuhlakanipha nokubona umshikashika owenziwa emhlabeni, ngokuba akakho obona ubuthongo ngamehlo akhe imini nobusuku,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Lapho ngibeka inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokubona umsebenzi owenziwa emhlabeni; (ngoba kukhona futhi imini nobusuku abuboni ubuthongo ngamehlo akhe).

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 8:16
11 Referans Kwoze  

Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe uwusizi; nasebusuku ingqondo yakhe ayikutholi ukuphumula. Nalokho kuyize.


Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo.


Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.


Konke lokhu ngakubona ngesikhathi ngicabangisisa ngengqondo yami zonke izinto ezenzeka phansi komthunzi welanga. Kunesikhathi lapho umuntu ebusa abanye, kube ngukulimala kwakhe.


akazi ukuthi kuzokwenzekani, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi izokwenzeka kanjani?


Umqondo wami ngawuguqulela ekwazini ekufuneni, nasekuphenyisiseni izinto zonke, nokwazi ububi bobuwula, nokuthi ubuwula bungukuhlanya.


Kumnandi ukulala kosebenzayo, noma ngabe udle kakhulu, noma udle kancane, kodwa ubuningi bengcebo buyamqwashisa ocebileyo.


umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.


Ngangishiswa yilanga emini, ngilala obenyoni ebusuku, ngiqhuqhwa ngamakhaza,


Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu!


Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite