Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 8:14 - IsiZulu 2020

14 Kunento eyize eyenziwa emhlabeni: kukhona abantu abalungile abehlelwa yizinto ezifana nezehlela ababi, nabantu ababi okwenzeka kubo izinto ezenzeka kwabalungileyo. Ngithi: “Nalokho kuyize.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kukhona okuyize okwenziwa emhlabeni kokuthi kukhona abalungileyo abehlelwa ngokomsebenzi wababi, nokuthi kukhona ababi abehlelwa ngokomsebenzi wabalungileyo; ngathi: “Nalokho kuyize.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kukhona okuyize okwenzeka emhlabeni; ukuthi kukhona abantu abalungileyo okwenzeka kubo njengokwemisebenzi yababi; futhi, kukhona abantu ababi okwenzeka kubo njengokwemisebenzi yabalungileyo; Ngathi nalokhu kuyize.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 8:14
16 Referans Kwoze  

Ngikubone konke kulokhu kuphila kwami okuyize: umuntu oqotho efela ebuqothweni bakhe, nomuntu omubi ephila isikhathi eside ebubini bakhe.


Kodwa manje sesithi babusisiwe abaziqhenyayo, impela labo abenza okubi bayaphumelela; nalabo abalinga uNkulunkulu bayaphunyuka.’ ”


Umuntu ohlakaniphile uyabona ukuthi uyaphi, kodwa isiwula sidukuza ebumnyameni. Kodwa ngabona ukuthi siyafana isiphetho sabo bobabili.


Ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ababi bephumelela.


Kungani izikhohlakali ziphila, zize zibe zindala, yebo, zidlondlobale zibe namandla na?


Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?


Kukhona ububi engibubonile phansi komthunzi welanga, bunjengephutha elenziwa ngumbusi:


umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Sekwenzekile konke lokhu uJobe akazange one, akamthelanga ngehlazo uNkulunkulu.


Bhekani, nina nonke nikubonile, kungani senenza okuyize na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite