Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 8:11 - IsiZulu 2020

11 Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngoba ukwahlulelwa kwesenzo esibi kakufiki masinyane, ngakho inhliziyo yabantwana babantu igcwele ukwenza okubi.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 8:11
19 Referans Kwoze  

Uma omubi enzelwa umusa akakufundi ukulunga; ezweni lobuqotho wenza ukonakala, angabuboni ubukhosi bukaSimakade.


Enhliziyweni yaso sizindla sithi: “Angisoze ngazanyazanyiswa, izizukulwane ngezizukulwane, angisoze ngahlupheka.”


“UMowabi ubephumule kwasebusheni bakhe, ephumule njengenzika yewayini; akathululwanga esitsheni, ethululelwa kwesinye; akayanga ekuthunjweni, ngakho-ke usanambitheka njengoba enjalo, nephunga lakhe aliguquki.


Kepha lapho uFaro ebona ukuthi uthole ikhefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, akaze abalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.


“Ngubani owawunovalo ngaye, futhi umesaba, waze waqamba amanga; awungikhumbulanga, futhi awukufakanga enhliziyweni yakho na? Angithulanga yini kwaze kweqa, okukwenze awaba nakungesaba na?


Ngakho-ke manje, yizwa izwi likaSimakade wena nsali yakwaJuda. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma niphikelela ukuya eGibhithe, ukuze nigogobale khona,


Kepha uFaro wayenza lukhuni inhliziyo yakhe nangalesi sikhathi, akaze avuma ukuba abantu bahambe.


USimakade wadlula phambi kwakhe, wamemezela wathi: “USimakade! USimakade! UNkulunkulu onesihe nomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene nokwethembeka,


Encwadini wayebhale wathi: “Mmiseni u-Uriya phambili, lapho impi ishisa khona, bese niyahlehla ukuze abulawe, afe.”


Wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, unomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokwethembeka.


Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.


Umupha ukuvikeleka, ameseke; amehlo akhe asezindleleni zabo.


Isikhohlakali siyazigqaja, asifuni ukubuyela kuwe, ngisho nje ukuba sicabange ngawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite