Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 7:9 - IsiZulu 2020

9 Ungasheshi ukuthukuthela, ngokuba intukuthelo ihlala ezifubeni zeziwula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala esifubeni seziwula.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 7:9
24 Referans Kwoze  

Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.


Umuntu onesififane wenza ubuwula, nomuntu onamacebo amabi uyazondwa.


Owephuza ukuthukuthela ungcono kuneqhawe, nobusa umoya wakhe, kunonqoba umuzi.


Ngakho-ke uHerodiya wambambela igqubu, wafuna ukumbulala, kodwa akabanga nawo amandla.


UNkulunkulu wathi kuJona: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngithukuthele kakhulu ngangokuba ngingafa nokufa.”


Abantu bakwa-Israyeli baphendula abakwaJuda, bathi: “Thina sinezabelo ezilishumi ngaphezu kwezenu enkosini, ngisho nakuDavide. Pho nisedeleleleni na? Aliphumanga kithi kuqala yini izwi lokuthi makubuyiswe inkosi na?” Kepha amazwi abakwaJuda ayenzima kunamazwi abakwa-Israyeli.


U-Absalomu akazange akhulume lutho olubi noma oluhle ku-Amnoni, kodwa u-Absalomu wamzonda u-Amnoni, ngokuba wayemphoqile udadewabo, uThamari.


U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


Intombazane yaphuma, yathi kunina: “Ngizakucelani na?” Yena wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhabhadisi.”


UJonadaba, indodana kaShimeya, umfowabo kaDavide, waphendula, wathi: “Inkosi yami mayingathathi zonke izinsizwa, amadodana enkosi abulewe, ngoba ngu-Amnoni kuphela ofileyo. Lokhu kwakuyinhloso ka-Absalomu kusukela ngosuku u-Amnoni aphoqa ngalo udadewabo, uThamari.


UKhayini wathi ku-Abela umnawakhe: “Asihambe siye endle.” Kuthe sebefike endle, uKhayini wambhudukeza umnawakhe wambulala.


Owephuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, kepha lowo othukuthela ngokushesha uphakamisa ubuwula.


Ungasho ukuthi: “Kungani izinsuku zasemandulo zazingcono kunezanamuhla na?” Ngokuba lokho kubuza akuveli ekuhlakanipheni.


Ungasheshi uphume uye enkantolo, ngokuba uyokwenzenjani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho esekuthela ngehlazo na?


Manje Simakade, ngiyakucela ukuba ungibulale ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Kuthe lapho selibalele likhipha umkhovu etsheni, uNkulunkulu wathumela umoya weshisandlu. Ilanga lahlaba ekhanda likaJona waze wacishe waquleka. Wazicelela kuNkulunkulu ukuba afe, ethi: “Kungcono ukufa kunophila.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite