Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 7:8 - IsiZulu 2020

8 Singcono isiphetho sendaba kunesiqalo sayo; onomoya wokubekezela ungcono kunalowo onowokuzidla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo; onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Isiphetho sento singcono kunokuqala kwayo, futhi obekezelayo emoyeni ungcono kunozidlayo.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 7:8
20 Referans Kwoze  

Ngokuba niyadinga ukubekezela, lokho kuyintando kaNkulunkulu ukuze kuthi lapho senikwenzile namukele isithembiso.


Owephuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, kepha lowo othukuthela ngokushesha uphakamisa ubuwula.


Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.


Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


Nani-ke bekezelani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukubuya kweNkosi sekusondele.


Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa,


Ekubekezeleni kwenu, niyakuzuza ukuphila kwenu.”


Owephuza ukuthukuthela ungcono kuneqhawe, nobusa umoya wakhe, kunonqoba umuzi.


Umuntu ogcwele ulaka uphehla udweshu, kodwa owephuzayo ukuthukuthela udambisa ingxabano.


“Kepha u-Abhrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho ngesikhathi usaphila, noLazaru ngokunjalo wamukela okubi, kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena usuyahlupheka.


Umuntu ozazisayo udala ingxabano, kodwa owethembela kuSimakade uyakucetshiswa.


Ukuziqhenya kudala ingxabano yodwa, kodwa kulabo abemukela ukwelulekwa kukhona ukuhlakanipha.


ngokuthobeka nobumnene, ngokubheka kade, nibekezelelane ngothando,


Igama elihle lingcono kunamakha anuka kamnandi, nosuku lokufa lungcono kunolokuzalwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite