Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 7:7 - IsiZulu 2020

7 Impela ukucindezelwa kwenza ohlakaniphile isiwula, ukufunjathiswa kuyayilutha inhliziyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Impela ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo, nokuthengwa ngomvuzo kuchitha ingqondo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngempela, ukucindezela kuyahlanyisa ohlakaniphileyo; futhi isipho sichitha inhliziyo.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 7:7
14 Referans Kwoze  

Awuyukuhlanekezela isehlulelo, ungakhethi buso bamuntu, ungafunjathiswa sipho, ngokuba isipho siyawaphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


“Awuyukwamukela ukufunjathiswa, ngokuba ukudizelwa kuyaziphuphuthekisa izikhulu, bese kuphambanisa nendlela yalabo abahamba ngokulunga.


Isikhohlakali semukela umfumbathiso ofihliwe, ukuze sihlanekezele izindlela zokwehlulela.


Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


Ukufumbathisa kunjengetshe elinqabileyo emehlweni alowo okwenzayo, noma ebhekaphi uyaphumelela.


Amadodana akhe awahambanga ngezindlela zakhe, aphambukela enzuzweni embi, agwazelwa, ahlanekezela ubulungiswa.


Awuyukukuthola ukuphumula phakathi kwalezo zizwe, akuyukuba bikho ukuphumula ematheni onyawo lwakho, kodwa uSimakade uyokunika inhliziyo egubhazelayo, namehlo anqundekayo, nokudangala komphefumulo.


Yilowo ohamba ngokulunga, okhuluma okuqotho, ongayithathi inzuzo ngokungafanele, ongavumeli izandla zakhe zamukele imivuzo yobuqili, ovala izindlebe ukuze angezwa ngokuchithwa kwegazi, ovala amehlo akhe angabuboni ububi,


Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaSimakade naphambi kogcotshiweyo wakhe, ukuthi ngake ngathatha inkabi kabani, noma imbongolo kabani, ngubani engimqolile, ngicindezele bani futhi ngemukele ukufunjathiswa okuvela esandleni sikabani ukuze amehlo ami avalwe yikho na? Lokho ngiyakukubuyisela kini.”


Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.


Konke lokhu ngakubona ngesikhathi ngicabangisisa ngengqondo yami zonke izinto ezenzeka phansi komthunzi welanga. Kunesikhathi lapho umuntu ebusa abanye, kube ngukulimala kwakhe.


U-Akhishi wayesethi ezincekwini zakhe: “Bhekani, niyabona ukuthi lo muntu uyahlanya; pho nimletheleni kimi na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite