Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 7:3 - IsiZulu 2020

3 Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngobuso obudangele inhliziyo iba nokujabula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngokudabuka kobuso inhliziyo yenzelwa okuhle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Usizi lungcono kunokuhleka, ngoba ngokudabuka kobuso inhliziyo iba ngcono.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 7:3
21 Referans Kwoze  

Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa.


Maye, kinina enisuthiyo manje, ngokuba niyakulamba! Maye, kinina enihlekayo manje, ngokuba niyakukhala, nikhihle isililo!


Nibusisiwe nina enilambileyo manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba niyakuhleka.


Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.” Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”


Kwaba kuhle kimi ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.


Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.


Mayelana nokuhleka, ngathi: “Kungubuwula,” maqondana nentokozo, ngathi: “Inamsebenzi muni na?”


Inhliziyo yohlakaniphile isendlini yabalilayo, kodwa inhliziyo yesiwula isendlini yentokozo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite