Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 7:25 - IsiZulu 2020

25 Umqondo wami ngawuguqulela ekwazini ekufuneni, nasekuphenyisiseni izinto zonke, nokwazi ububi bobuwula, nokuthi ubuwula bungukuhlanya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Ngase ngiphenduka ukuba inhliziyo yami yazi, ihlole, ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindaba ukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula, nobuwula ukuthi bungubuhlanya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Nganikela inhliziyo yami ukuba yazi, ihlole, ifune ukuhlakanipha nesizathu sezinto, nokwazi ububi bobuwula, yebo, nobuwula, nobuwula.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 7:25
17 Referans Kwoze  

Siwuvula nje umlomo waso sikhuluma ubuwula, kuthi ekugcineni inkulumo yaso ibe ngukuhlanya okubi.


“Yilokhu-ke engikutholile,” kusho uMshumayeli. “Ngihlanganisa lokhu nalokhu ukuze ngithole umphumela,


Ngase ngitheneka amandla, inhliziyo yami yadikibala ngawo wonke umshikashika engiwushikashike phansi komthunzi welanga.


Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Okwehlela isiwula, nami kuzongehlela. Pho kungani ngihlakaniphe kakhulu na?” Ngathi enhliziyweni yami: nalokho kuyize.


Ngase ngibuye ngicabangisisa ngokuhlakanipha, ngobuhlanya nangobuwula, ngokuba angenzani lowo ongaphansi kwenkosi na? Ngaphandle kwalokho osekuvele kwenziwe.


Njengenja ebuyela ebuhlanzweni bayo, kanjalo isiwula siphinda ubuwula baso.


Kungcono ukuhlangana nebhere elephucwe amawundlu alo, kunesiwula ebuwuleni baso.


UThamari wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi; akwenziwa lokhu kwa-Israyeli. Ungalokothi wenze lobu buwula.


“Ngakho-ke suka ungcwelise abantu, uthi kubo: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli: kunezinto eziqalekisiweyo phakathi kwenu, Israyeli aniyukuma phambi kwezitha zenu nize nikhiphe phakathi kwenu izinto eziqalekisiweyo.


Amadodana kaJakobe ayefika nje evela ekwaluseni lapho ezwa ngaleso sigameko, ashaqeka, awotha ubomvu, ngokuba wayenze ichilo kwa-Israyeli ngokungcolisa indodakazi kaJakobe, okwakuyinto eyayingafanele neze ukwenziwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite