Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 7:16 - IsiZulu 2020

16 Ungabi ngolunge kakhulu, ungazenzi ohlakaniphe ngokwedlulele; uzibhubhiselani na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ungabi ngolungileyo ngokudluleleyo, ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu; uzichithelani na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ungabi olungileyo ngokuningi; futhi musa ukubukisa. Kungani uzibhubhisa?

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 7:16
25 Referans Kwoze  

Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngithi kulowo nalowo kini akangazicabangi ukuthi mkhulu, kunalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokhu uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


Uma uthole uju, yidla okwanele wena, funa lukucike, bese uphalaza.


Makungabi bikho muntu onephuca umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yemvelo,


Konke kubonakala sengathi kunokuhlakanipha kokwenza abantu baziqokele inkolo eluthayo, nokuzenza abathobileyo, nokukhandla umzimba, kodwa akusizi ngalutho maqondana nokuzithiba ezinkanukweni zenyama.


Makungabi bikho ozikhohlisayo: uma kukhona umuntu phakathi kwenu othi uhlakaniphile kulesi sikhathi, makabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


Ngaphezu kwalokhu, ndodana yami, xwaya; ukwenza izincwadi eziningi akupheli, nokufunda kakhulu kuyawutuba umzimba.


Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla.


Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela ngokweshumi kwakho konke engikutholayo.’


Ungazikhandli ukuze ucebe; hlakanipha ngokwanele, ulinde.


Benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla okwadalwa nguNkulunkulu ukuba kwamukelwe, ngokubonga yibo bonke abakholwayo nabalaziyo iqiniso.


Ngangiyisishisekeli esizingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.


nokuthi: “INkosi iyayazi imidlinzo yabahlakaniphileyo ukuthi iyize.”


Bazalwane, angithandi ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo: yazini ukuthi u-Israyeli usenziwe waba lukhuni okwamanje, kuze kupheleliswe isibalo sabezizwe.


Khona kwafika kuJesu abafundi bakaJohane, bathi: “Kungani thina nabaFarisi sizila ukudla, kodwa abafundi bakho bengazili na?”


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”


Uma umuntu ongahlakaniphile engaba ngohlakaniphileyo, nethole lembongolo yasendle lingazalwa lingumuntu.


“Base bezithela ngothuli emakhanda, badazuluka bakhala, balila, bathi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abaceba ngawe bonke abanemikhumbi olwandle ngenxa yengcebo yakho eningi, ngokuba ngehora elilodwa nje ubhujisiwe!


Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banayo intshisekelo kaNkulunkulu, kodwa engasuki ekwazini,


Bhekani nje, indlu yenu enisele nayo, isisele dengwane.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaphrofethi, nihlobise amathuna abalungileyo!


“Yonke imisebenzi yabo bayenza ukuba babukwe ngabantu. Amabhande abo abawabopha ebunzini uma bekhuleka bawenza abe banzi, benze izinsephe ezinkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite