Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 7:13 - IsiZulu 2020

13 Bheka umsebenzi kaNkulunkulu; ngubani ongaqondisa akugobisileyo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bona umsebenzi kaNkulunkulu, ngokuba ngubani ongelula lokho akugobileyo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bhekani umsebenzi kaNkulunkulu, ngokuba ngubani ongaqondisa lokho akwenze kwaba yisigwegwe na?

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 7:13
19 Referans Kwoze  

Okugobile ngeke kuqondiswe, okungekho ngeke kwabalwa.


Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.


Emadilini abo kukhona ihabhu, ugubhu, isigubhu, igekle newayini, kodwa abayinaki imisebenzi kaSimakade; kabaziboni nezenzo zezandla zakhe.


Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo.


kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,


Ngokuba uSimakade Wamabandla unqumile; ngubani oyakuguqula lokho na? Isandla sakhe sizogadla; ngubani oyakusinqanda na?


Ngubani ohlakaniphileyo na? Makakuqaphelisise lokhu; bawuqonde umusa kaSimakade.


Ngakho-ke nizakuthi kimi: “Kungani pho esasithola sinecala na? Ngokuba ngubani ongamelana naye na?”


Ngokuba kuMose uthi: “Ngizakumhawukela engimhawukelayo, ngimzwele engimzwelayo.”


Mina nginguye kwasemandulo. Akekho ongakusindisa okusesandleni sami, ngiyenza, ngubani ongakuvimba lokho na?”


“Beka indlebe kulokhu, Jobe, uthule du, uzindle ngezimangaliso zikaNkulunkulu.


bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo,


Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,


Uma edlula, avalele, abizele ekwehluleleni, ngubani ongamvimba na?


Bheka, uyabamba, ngubani ongamkhalima na? Ngubani oyakusho kuye, athi: ‘Wenzani na?’


ngabona yonke imisebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu ngeke ayiqonde yonke imisebenzi eyenzeka phansi komthunzi welanga. Noma umuntu angazihlupha kangakanani eyifunisisa, ngeke ayithole, noma ohlakaniphile angathi uyazi, ngeke ayifumane.


Ngakho-ke njengokuba ningenamandla okwenza nokuncane nje, pho nizikhathazelani ngalokhu okunye na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite