Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 6:11 - IsiZulu 2020

11 Ngokwanda kwamazwi, kwanda nokuyize, umuntu ngabe ungcono ngani na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Lokhu kukhona amazwi amaningi akwandisa okuyize, umuntu unanzuzoni na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Njengoba kukhona izinto eziningi ezandisa ize, umuntu ungcono ngani?

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 6:11
13 Referans Kwoze  

babengenakubalwa laba bantu ayebahola. Kodwa abeza emva kwakhe abayukuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Lapho kunamaphupho amaningi, kukhona nokuyize, namazwi angelutho amaningi, kodwa mesabe uNkulunkulu.


U-Efrayimi udla umoya, uxoshana nomoya wasempumalanga, abhebhethekise amanga nobudlova imihla yonke. Wenza isivumelwano ne-Asiriya, athumele amafutha eGibhithe.


umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.


Ngokuba okuvelela abantu kuyafana nokwehlela izilwane; njengoba umuntu efa, kanjalo nesilwane siyafa. Konke kunomoya ofanayo, umuntu akazedluli izilwane, ngokuba konke kuyize.


Ngakho-ke ukuqhosha ngumgexo wabo, indluzula bayembethe njengengubo.


Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Okwehlela isiwula, nami kuzongehlela. Pho kungani ngihlakaniphe kakhulu na?” Ngathi enhliziyweni yami: nalokho kuyize.


Osekwake kwaba khona sekwaqanjwa igama, kuyaziwa ukuthi umuntu uyokuba yini, nokuthi akakwazi ukuphikisana nalowo onamandla kunaye.


Konje ngubani owaziyo ukuthi yini enhle kumuntu ngesikhathi esaphila lezi zinsukwana zempilo yakhe eyize, eyedlula njengethunzi na? Ngubani ongasho kumuntu ukuthi yini ezokwenzeka phansi komthunzi welanga nxa esefile na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite