Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 5:4 - IsiZulu 2020

4 Uma wenza isifungo kuNkulunkulu ungephuzi ukusifeza, ngokuba akazithokozeli iziwula. Sifeze isifungo sakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza, ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Nxa wenza isithembiso kuNkulunkulu, ungalibali ukusigcwalisa; ngoba akathokozi ngeziwula; khokha lokho okuthembisile.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 5:4
20 Referans Kwoze  

‘Uma umuntu enza isifungo kuSimakade, noma enza isifungo ezibophezela ngaso, akayukulaphula izwi lakhe. Uyokwenza njengalokho akukhulume ngomlomo wakhe.


“Nizwile futhi, kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.’


Thembisani, nizifeze izithembiso enizenza kuSimakade uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owesabekayo.


Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke,


Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe.


Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo ngenxa yesono awuyithokozelanga.


“Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kepha mina ngiyakuletha umhlatshelo, ngihuba amahubo okudumisa, ngiyakufeza izithembiso zami, ngokuba insindiso ivela kuSimakade.”


Ngifungile, futhi ngakuqinisekisa ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo.


Sizosuka lapha silibangise eBhethele, lapho ngizofike ngakhe khona i-althare likaNkulunkulu, okunguYena owangikhulula enhluphekweni engangibishe kuyo, waba nami yonke indawo lapho bengihamba khona.”


UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBhethele, uhlale lapho. Yakha i-althare lapho, ulakhele uNkulunkulu ozibonakalise kuwe ngesikhathi ubalekela umnewenu u-Esawu.”


USimakade uyozibonakalisa kwabaseGibhithe ngalolo lusuku, nabaseGibhithe bayomazi uSimakade, bayakumkhonza ngomhlatshelo nangomnikelo wokushiswa, benze izifungo kuSimakade, bazifeze.


UJakobe wenza isifungo, wathi: “Uma uNkulunkulu ezoba nami, angivikele kulolu hambo lwami, angiphe ukudla nokokwembatha,


Lapho eyibona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Hawu, ndodakazi yami, waze wangilaya, wangibangela ukuhlupheka okukhulu. Phela ngivule umlomo wami ngakhuluma kuSimakade, manje angisakwazi ukusihoxisa isifungo sami.”


Ukudumisa kwami kuyakuvela kuwe ebandleni elikhulu, izithembiso zami ngiyozifeza phambi kwalabo abamesabayo.


Kulugibe kumuntu ukusho ngokushesha athi: “Kungcwele,” bese ecabanga kamuva ngesifungo asenzile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite