Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 5:16 - IsiZulu 2020

16 Nalokho kungububi obudabukisayo; wafika kanjalo, uzohamba kanjalo futhi, nzuzoni ayitholile ngokushikashikela umoya na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Nalokho kungububi obudabukisayo ukuthi uyamuka kukho konke njengokufika kwakhe; unanzuzoni ukuthi ushikashikele umoya na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Futhi futhi kungububi obukhulu, ukuthi uzohamba ngazo zonke izindlela njengoba eze; unanzuzoni yena owashikashikela umoya na?

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 5:16
13 Referans Kwoze  

Uzuzani umuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi komthunzi welanga na?


Ohlupha indlu yakhe uyozuza ize, nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”


Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe na?


“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; uhlanga alunantshakaza, alukhiqizi mpuphu; uma luyikhiqiza, iyakushwabadelwa ngabafokazi.


Abaphristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade na?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaphrofethi baphrofetha ngoBhali, balandela okungenakusiza.


Sasikhulelwe, sisezinhlungwini, sazala umoya nje. Akukho nsindiso esayiletha emhlabeni, asizalanga bantu balo mhlaba.


Ngibone ububi obudabukisayo phansi komthunzi welanga; ingcebo egcinwe ngumniniyo imlethela usizi.


Yebo, ningaphambuki nilandele izinto eziyize ezingenakunisiza nezingeke zanikhulula, ngokuba ziyize.


ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bezikhandla.


Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.


Uzuzani osebenzayo ngomshikashika wakhe na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite