Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 5:13 - IsiZulu 2020

13 Ngibone ububi obudabukisayo phansi komthunzi welanga; ingcebo egcinwe ngumniniyo imlethela usizi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga: ingcebo egcinelwe umniniyo ukuba imlimaze;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kukhona ububi obukhulu engibubonile phansi kwelanga, ingcebo egcinelwe abaniniyo kube kubi kubo.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 5:13
29 Referans Kwoze  

ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.


“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibukhwebezane nezelineni elihle, ezithokozisa imihla ngemihla, etamasa.


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


Konke lokhu ngakubona ngesikhathi ngicabangisisa ngengqondo yami zonke izinto ezenzeka phansi komthunzi welanga. Kunesikhathi lapho umuntu ebusa abanye, kube ngukulimala kwakhe.


umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.


Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kuyahlenga ekufeni.


Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.


Zinjalo izindlela zabo bonke abathola inzuzo ngokungafanele; leyo nzuzo iyakuthatha impilo yomniniyo.


Wayithola yonke impahla kaLothi, wabuya naye uLothi, isihlobo sakhe, nabanye abantu nabesifazane.


Kepha uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Nkosi, ngipha abampofu ingxenye yempahla yami; kuthi uma ngimqolile umuntu okuthile, ngikubuyisele kuye sekuphindwe kane.”


Ngalolo lusuku abantu bayozilahla ezimvukuzaneni nasemalulwaneni, izithombe zabo zesiliva nezithombe zabo zegolide, abazenzele zona ukuba bazikhonze.


Kwathi besabaleka, umkaLothi wajeqeza emuva, wayesephenduka insika kasawoti.


“Ngokuba akakwazi ukuthula ngaphakathi kwakhe, kulokho akufisayo akuphumeleli lutho.


Lowo mcebo walahleka ngendlela embi, ngisho nendodana ayizalayo ayangathola lutho.


Ungazikhandli ukuze ucebe; hlakanipha ngokwanele, ulinde.


Ngokuba ingcebo ayiyukuhlala kuze kube phakade; nomqhele uyakuhlala yini izizukulwane ngezizukulwane na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite