Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 5:10 - IsiZulu 2020

10 Othanda imali akaneliswa yiyo; nothanda ingcebo akaneliswa yinzuzo ayitholayo, nalokho kuyize.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo; nalokho kuyize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Othanda isiliva akayikusutha ngemali; nothanda inala akanenzuzo; nalokhu kuyize.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 5:10
21 Referans Kwoze  

ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yabo bonke ububi. Abanye ngokuyifisa kwabo bahlubuka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.


“Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma abambelele kwenye, ayedelele enye. Ningeke nakhonza uNkulunkulu noMamona.


UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nilwexwaye lonke uhlobo lokuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumisiwe ngubuningi bomcebo wakhe.”


“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inokoniwa khona yinundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe.


umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Maningathembeli ekuqhwageni, ningazigabisi ngokuphangiweyo. Uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.


Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.


“Bheka, nasi isiqhwaga esingazange simenze uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kodwa sethembela ebuningini bomcebo waso, sabambelela kakhulu ebubini baso.”


Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.


babengenakubalwa laba bantu ayebahola. Kodwa abeza emva kwakhe abayukuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Ngokuba okuvelela abantu kuyafana nokwehlela izilwane; njengoba umuntu efa, kanjalo nesilwane siyafa. Konke kunomoya ofanayo, umuntu akazedluli izilwane, ngokuba konke kuyize.


Konke umuntu akusebenzelayo kuya emlonyeni wakhe, kodwa akaneliswa.


Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu.


We siqhwaga, uziqhayiselani ngokubi na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.


Zonke izinto ziyakhandla, umuntu angezichaze. Iso alideli ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa.


Noma yikuphi amehlo ami ayekufuna, ngangingawancishi; inhliziyo yami angiyincishanga intokozo, ngokuba yona yathola ukuthokoza kuwo wonke umshikashika wami, lokho kwaba ngumklomelo wami wawo wonke umshikashika wami.


Impumelelo yezwe isenkosini enakekela ukulinywa kwamasimu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite