Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 4:12 - IsiZulu 2020

12 Noma umuntu oyedwa engehlulwa, nxa bebabili bangazivikela. Intambo emicu mithathu ayigqabuki kalula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Nakuba umuntu ahlula oyedwa, ababili bayakuma phambi kwakhe, nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uma umuntu emnqoba, ababili bayakumphikisa; nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 4:12
8 Referans Kwoze  

nishisekele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula;


Wayelandelwa ngu-Eleyazare, indodana kaDodo, indodana ka-Ahowahi. Wayengomunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhlazana edelela amaFilisti ayeqoqene lapho ukuze alwe no-Israyeli, kodwa abakwa-Israyeli base behambile.


Wayehlonipheke kakhulu phakathi kwabangama-30, kodwa akafikanga kulaba abathathu ngokuhlonishwa. UDavide wambeka ukuba engamele abaqaphi bakhe.


Lawo maqhawe amathathu afohla, angena enkanjini yamaFilisti, akha amanzi emthonjeni eBhethlehema ongasesangweni. Awathatha awaletha kuDavide, kodwa akavumanga ukuwaphuza; wawathululela uSimakade.


Uma ababili belala ndawonye bayafudumala, uma umuntu eyedwa angafudumala kanjani na?


Ungcono umuntu osemusha oswele kodwa ohlakaniphile, kunenkosi endala eyisiwula, engasemukeli iseluleko.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite