Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 4:10 - IsiZulu 2020

10 Ngokuba uma bewa, bayavusana; maye kulowo oyedwa, nxa ewa akanaye ongamvusa!

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngokuba uma bewa, omunye uyavusa umngane wakhe; kepha maye kuye oyedwa lapho ewa, engenawesibili wokumvusa!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba uma bewa, omunye uyakuthabatha umngane wakhe; kepha maye koyedwa uma ewa; ngoba kalamuntu ongamphakamisa.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 4:10
17 Referans Kwoze  

Ngakho-ke gqugquzelanani, nakhane njengalokhu nenza.


Ngakho-ke duduzanani ngalawa mazwi.


Bazalwane, uma umuntu ebhabheka ebubini, nina bomoya mbuyiseni lowo ngomoya wobumnene, niqaphele nani, funa nilingwe.


Kwasuka uJonathani, indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, wamqunga isibindi ngenxa kaNkulunkulu.


UKhayini wathi ku-Abela umnawakhe: “Asihambe siye endle.” Kuthe sebefike endle, uKhayini wambhudukeza umnawakhe wambulala.


Incekukazi yakho yayinamadodana amabili; alwa odwa endle kungekho ongawalamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala.


Sesiphelile isikhathi sokulila, uDavide wathumela, wayomlanda, wamngenisa esigodlweni sakhe, wamenza umkakhe; wamzalela indodana. Kepha lokho okwenziwa nguDavide kwaba kubi emehlweni kaSimakade.


UMose wathi ku-Aroni: “Benzeni kuwe laba bantu ukuba ubehlisele isono esingaka na?”


Ababili bangcono kunoyedwa, ngoba banomvuzo omuhle ngomshikashika wabo.


Uma ababili belala ndawonye bayafudumala, uma umuntu eyedwa angafudumala kanjani na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite