Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 3:19 - IsiZulu 2020

19 Ngokuba okuvelela abantu kuyafana nokwehlela izilwane; njengoba umuntu efa, kanjalo nesilwane siyafa. Konke kunomoya ofanayo, umuntu akazedluli izilwane, ngokuba konke kuyize.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngokuba okwehlela abantwana babantu kwehlela nezilwane; lokunye kubehlela: njengokufa komuntu, kuyafa lokunye; yebo, banomoya munye bonke; ukuze umuntu angabibikho ngaphezu kwesilwane, ngokuba konke kuyize.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 3:19
18 Referans Kwoze  

Kepha umuntu, nakuba enodumo, akayukuhlala angafi, ufana nezilwane ezibhubhayo.


Umuntu ebukhazikhazini bakhe engenakuqonda, unjengezilwane ezibhubhayo.


Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nesiwula, ngoba ngokuhamba kwezinsuku, bobabili bayalibaleka. Kungenzeka kanjani ukuthi ohlakaniphile afe njengesiwula na?


Umuntu ohlakaniphile uyabona ukuthi uyaphi, kodwa isiwula sidukuza ebumnyameni. Kodwa ngabona ukuthi siyafana isiphetho sabo bobabili.


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakubuye aqoqwe. UNkulunkulu akakususi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


Uma laba bantu befa ngokufa okwejwayelekile, noma behlelwa ngokwehlela abantu bonke, uSimakade uyobe kangithumanga.


Kungcono ukuya endlini yabalilayo, kunokuya endlini lapho kunedili khona, ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke, abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni.


Isiphetho sabo bonke siyefana: abalungile nabangalungile, abahle nababi, abahlanzekile nabangcolile, abethula imihlatshelo nabangayethuli. Njengoba enjalo umuntu olungileyo, sinjalo nesoni; nanjengoba enjalo ofungayo, unjalo nobalekela isifungo.


Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; kunjengezinhlanzi ezibanjwa enethini elinonya, nezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo nabantu babanjwa ogibeni olubi, oluyisikhathi esibafikela bengazelele.


Le ndlela yabo ingubuwula babo, balandelwa ngabathokozela amazwi abo. Sela


Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu!


Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite