Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 3:13 - IsiZulu 2020

13 futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, asipha umuntu ukuba wonke umuntu adle, aphuze, athokozele wonke umshikashika wakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi ukuthi wonke umuntu adle, aphuze, ajabulele okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe, lokhu kuyisipho sikaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 3:13
14 Referans Kwoze  

Hamba, udle ukudla kwakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho uthokozile enhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu uvele ukuvumele lokhu okwenza manje.


Akukho okungcono okungenziwa ngumuntu ngaphandle kokuthi adle, aphuze, aneliseke ngomsebenzi wakhe. Nalokho futhi ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu,


Uyakudla okwezikhwepha zakho, ubusiseke, ube nempumelelo.


UNkulunkulu umuntu umuphe ingcebo, impahla, nodumo ukuze angesweli lutho alufisayo, kepha uNkulunkulu akamniki amandla okukudla; kufika umfokazi azitike ngakho, lokho kuyize; kungukushaywa kabuhlungu.


Niyakudla lapho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nithokoze ngakho konke enibeka isandla senu kukho, nina nabendlu yenu, uSimakade uNkulunkulu wakho anibusise ngakho.


uyothokoza ngakho konke okuhle uSimakade uNkulunkulu wakho akunike khona, wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwenu.”


Ngubani ofisa ukuphila, othanda izinsuku eziningi zokuthokozela okuhle na?


Ngacabanga enhliziyweni yami ukuthi ngingazithokozisa kanjani ngewayini, ingqondo yami ibe iholwa ngukuhlakanipha, ukuze ngikwazi ukubamba ubuwula, ngize ngibone okuhle abantu abakwenza phansi komthunzi welanga ngezinsukwana zokuphila kwabo.


Ngakho-ke mina ngincoma ukuzijabulisa, ngokuba akukho okungcono kumuntu phansi komthunzi welanga, ngaphandle kokuba adle, aphuze, azijabulise, ngokuba lokhu kuyohlala kunaye emshikashikeni wokuphila kwakhe, ngezinsuku uNkulunkulu amuphe zona phansi komthunzi welanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite