Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 3:1 - IsiZulu 2020

1 Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi komthunzi welanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Konke kunesikhathi nesikhathi sayo yonke into phansi kwezulu:

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 3:1
12 Referans Kwoze  

Ngathi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uzobehlulela abaqotho nezikhohlakali, ngokuba yonke indaba nomsebenzi kubekelwe isikhathi sakho.”


kuthi kusasa nithi: ‘Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele.’ Niyakwazi ukuchaza isimo sezulu, kepha yini ningakwazi ukubona izibonakaliso zezikhathi na?


Ngosuku lwempumelelo, jabula; ngosuku lwenhlupheko, qaphela; nguNkulunkulu ozenzile zombili lezi zinsuku. Ngakho-ke umuntu ngeke akwazi ukubona okuyoba khona uma esefile.


Wayesethi: “Inhliziyo yami ibingenawe yini lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza na? Yiso yini isikhathi sokwamukela izingubo, iminqumo, izivini, izimvu, izinkomo, izinceku, nezincekukazi na?


Umuntu uyathokoza ngempendulo yakhe, nezwi elikhulunywa ngesikhathi esifaneleyo lihle kakhulu.


Ngacabanga enhliziyweni yami ukuthi ngingazithokozisa kanjani ngewayini, ingqondo yami ibe iholwa ngukuhlakanipha, ukuze ngikwazi ukubamba ubuwula, ngize ngibone okuhle abantu abakwenza phansi komthunzi welanga ngezinsukwana zokuphila kwabo.


Ngase ngikuzonda ukuphila ngoba umsebenzi owenziwa phansi komthunzi welanga ungububi kimi. Konke kuyize, kufana nokubamba utalagu.


Esekuhluphekeni, wanxusa uSimakade uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wokhokho bakhe.


Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo.


Qeda umsebenzi wakho ngaphandle, uzilungiselele wona ensimini yakho, emveni kwalokho yakha indlu yakho.


Bayakumemeza lapho, bathi: ‘UFaro inkosi yaseGibhithe ungumsindo nje omkhulu, uliyekile ithuba lakhe.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite