Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 2:8 - IsiZulu 2020

8 Ngaziqongelelela isiliva, negolide, nengcebo yamakhosi neyezifundazwe. Ngaqoqa abahlabeleli besilisa nabesifazane, nalokho okuthokozisa amadodana abantu, nezancinza eziningi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nemfuyo yamakhosi, nezifunda; ngathola abahlabeleli, abesilisa nabesifazane, nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nengcebo yamakhosi nezifunda, ngaba abahlabeleli, nezintombi zezingoma, nentokozo yabantwana babantu, njengezinsimbi zomculo, nazo zonke izinhlobo.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 2:8
21 Referans Kwoze  

Yanika inkosi amatalenta ayi-120 egolide, amakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kuphinde kufike amakha amaningi kangaka njengalawo indlovukazi yaseShebha eyawapha inkosi uSolomoni.


Zaya e-Ofiri, zalanda lapho igolide elingamathalenta angama-420, zaliletha enkosini uSolomoni.


Namuhla ngineminyaka engama-80; ngisakwazi yini ukwehlukanisa okuhle nokubi na? Inceku yakho isengakuzwa nje ekudlayo nekuphuzayo? Kepha ngingabe ngisalizwa yini izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Kungani inceku yakho izoba ngumthwalo enkosini yami, inkosi na?


Isisindo segolide elalilethwa kuSolomoni minyaka yonke sasingamathalenta egolide angama-666,


Bacula amaculo ngohambu, benze izimfijoli njengoDavide.


Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu onganophula esandleni sami na?”


Ngalokho lapho abantu bezwa ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, nogubhu, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo; bonke abantu, izizwe, nezilimi bawa phansi, bakhuleka esithombeni segolide asimisileyo uNebukhadinezari, inkosi.


ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igenkle, ihabhu, umqangala, ugubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa; niwe phansi, nikhuleke esithombeni segolide uNebukhadinezari, inkosi, asimisileyo.


ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo ezaziyi-7 337; babenabahlabeleli besilisa nabesifazane abangama-200.


Inkosi yakha izikhwelo zendlu kaSimakade nezesigodlo ngemi-alimugi, yakha amahabhu, nezingubhu zabahlabeleli okungakaze kubonwe okunjengakho phambilini kwaJuda.


Bonke laba babephethwe nguyise ekuhlabeleleni endlini kaSimakade ngamasimbali, ngezingubhu nangamahabhu ekukhonzeni endlini kaNkulunkulu. U-Asafa, uJeduthuni noHemani babephethwe yinkosi.


UDavide nabakhuzi bempi behlukanisela umsebenzi amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani nakaJeduthuni; ayezophrofetha ngamahabhu, ngezingubhu, nangamasimbali. Abantu ababezokwenza umsebenzi wenkonzo babeyileli nani, bemi kanje:


Inkosi uRehobhowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinika izinduna zabaqaphi ababeqapha umnyango wenkosi.


Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zazingezegolide, zonke izitsha zendlu yeHlathi leLebhanoni nazo zazingezegolide, zingekho ezenziwe ngesiliva, ngoba lona lalingabalulekile ngesikhathi sikaSolomoni.


UHiramu wayesethumela enkosini amathalenta ayi-120 egolide.


USolomoni wayenabafazi abangamadodakazi amakhosi abangama-700, nezancinza ezingama-300. Amakhosikazi akhe ayiphambukisa inhliziyo yakhe.


“Ize leze,” kusho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize!”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite