Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 2:3 - IsiZulu 2020

3 Ngacabanga enhliziyweni yami ukuthi ngingazithokozisa kanjani ngewayini, ingqondo yami ibe iholwa ngukuhlakanipha, ukuze ngikwazi ukubamba ubuwula, ngize ngibone okuhle abantu abakwenza phansi komthunzi welanga ngezinsukwana zokuphila kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini, inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha, nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngafuna enhliziyweni yami ukuba nginakwe iwayini, kepha ngayiqondisa inhliziyo yami ngokuhlakanipha; nokubamba ubuwula, ngize ngibone ukuthi lezo zinto zaziyini kubantwana babantu ababeyakuzenza phansi kwezulu zonke izinsuku zokuhamba kwabo.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 2:3
22 Referans Kwoze  

Iwayini liyisedeleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abadiyazeliswa yilo kabahlakaniphile.


Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu.


Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


Nasi isiphetho sendaba, lapho konke sekuzwakele: mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalelo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


Konje ngubani owaziyo ukuthi yini enhle kumuntu ngesikhathi esaphila lezi zinsukwana zempilo yakhe eyize, eyedlula njengethunzi na? Ngubani ongasho kumuntu ukuthi yini ezokwenzeka phansi komthunzi welanga nxa esefile na?


“Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma abambelele kwenye, ayedelele enye. Ningeke nakhonza uNkulunkulu noMamona.


Umqondo wami ngawuguqulela ekwazini ekufuneni, nasekuphenyisiseni izinto zonke, nokwazi ububi bobuwula, nokuthi ubuwula bungukuhlanya.


Kuhle ukuthi ukubambe lokhu; ungasisusi isandla sakho kukho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyaphumelela kukho konke.


Akukho okungcono okungenziwa ngumuntu ngaphandle kokuthi adle, aphuze, aneliseke ngomsebenzi wakhe. Nalokho futhi ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu,


Uma umuntu efa, uyakubuye aphile yini na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukuphunyuzwa kwami.


U-Abhigayili wabuyela kuNabali; wafica enesiphihli sedili endlini yakhe, kungathi yidili lenkosi. Inhliziyo kaNabali yayithakasile ithe cosololo, ephuze kakhulu. U-Abhigayili akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.


UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.”


“Umvini waphendula wathi: ‘Ngiyeke yini ukukhiqiza iwayini elithokozisa onkulunkulu nabantu, ngihambe ngiyobusa phezu kwemithi, na?’


newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Ngase ngiyabona ukuthi yini enhle nemnandi: ngukudla, ukuphuza, nokuthokozela wonke umshikashika awukhandlekele phansi komthunzi welanga, kulezi zinsukwana zokuphila uNkulunkulu amuphe zona, ngokuba kuyisabelo sakhe lokho.


Ngakho-ke mina ngincoma ukuzijabulisa, ngokuba akukho okungcono kumuntu phansi komthunzi welanga, ngaphandle kokuba adle, aphuze, azijabulise, ngokuba lokhu kuyohlala kunaye emshikashikeni wokuphila kwakhe, ngezinsuku uNkulunkulu amuphe zona phansi komthunzi welanga.


Ukudla kwenzelwe ukwenama, newayini ukuba kuthakaswe, imali iyimpendulo yezinto zonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite