Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 2:24 - IsiZulu 2020

24 Akukho okungcono okungenziwa ngumuntu ngaphandle kokuthi adle, aphuze, aneliseke ngomsebenzi wakhe. Nalokho futhi ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe, kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba adle futhi aphuze, futhi avumele umphefumulo wakhe ujabulele umsebenzi wakhe kahle. Ngabona futhi ukuthi yayivela esandleni sikaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 2:24
22 Referans Kwoze  

Ngakho-ke ngabona ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngomsebenzi wakhe, ngokuba lokho kuyisabelo sakhe; ngubani ongamenza abone okuyakwenzeka nxa esefile na?


Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.


Ngakho-ke mina ngincoma ukuzijabulisa, ngokuba akukho okungcono kumuntu phansi komthunzi welanga, ngaphandle kokuba adle, aphuze, azijabulise, ngokuba lokhu kuyohlala kunaye emshikashikeni wokuphila kwakhe, ngezinsuku uNkulunkulu amuphe zona phansi komthunzi welanga.


Uma njengomuntu ngalwa nezilo e-Efesu, pho nginanzuzoni ngalokho na? Uma abafileyo bengavuswa, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.


Khona niyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, endaweni ayoyikhetha uSimakade uNkulunkulu wenu. Kuleyo ndawo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, nomLevi ohlala emzini wakho, niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke imikhiqizo yenu.


Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.”


Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla.


UNkulunkulu umuntu umuphe ingcebo, impahla, nodumo ukuze angesweli lutho alufisayo, kepha uNkulunkulu akamniki amandla okukudla; kufika umfokazi azitike ngakho, lokho kuyize; kungukushaywa kabuhlungu.


Niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, amadodakazi enu, izinceku zenu, izincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa elingelakhe phakathi kwenu.


Wayesethi kubo: “Hambani nidle izibiliboco, niphuze newayini elimtoti, nabele nalabo abantulayo, ngokuba lolu lusuku olumiselwe uSimakade iNkosi yethu, ningabi lusizi, ngokuba intokozo eniyiphiwa nguSimakade iyinqaba yenu.”


Ngacabanga enhliziyweni yami ukuthi ngingazithokozisa kanjani ngewayini, ingqondo yami ibe iholwa ngukuhlakanipha, ukuze ngikwazi ukubamba ubuwula, ngize ngibone okuhle abantu abakwenza phansi komthunzi welanga ngezinsukwana zokuphila kwabo.


ngokuba ngaphandle kwakhe, ngubani ongadla noma athokoze na?


Konje ngubani owaziyo ukuthi yini enhle kumuntu ngesikhathi esaphila lezi zinsukwana zempilo yakhe eyize, eyedlula njengethunzi na? Ngubani ongasho kumuntu ukuthi yini ezokwenzeka phansi komthunzi welanga nxa esefile na?


Wozani, yikhona ngizoletha iwayini, sizozigcingca ngophuzo olunamandla; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.


OJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle, bedla, bephuza, bejabula.


Noma yikuphi amehlo ami ayekufuna, ngangingawancishi; inhliziyo yami angiyincishanga intokozo, ngokuba yona yathola ukuthokoza kuwo wonke umshikashika wami, lokho kwaba ngumklomelo wami wawo wonke umshikashika wami.


Yebo, zonke izinsuku zakhe uzichithele ebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni nasekuguleni nasolakeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite