Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 2:22 - IsiZulu 2020

22 Umuntu utholani ngakho konke ukushikashikeka nokukhandleka kwakhe phansi komthunzi welanga na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ngokuba umuntu unanzuzoni yawo wonke umshikashika wakhe nokukhandleka kwenhliziyo yakhe akushikashikile phansi kwelanga na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngokuba umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe nobuhlungu benhliziyo yakhe awushikashikeka phansi kwelanga na?

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 2:22
21 Referans Kwoze  

Uzuzani umuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi komthunzi welanga na?


Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.


niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.


Kepha masaneliswe uma sinokudla nokokwembatha.


Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga.


Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso liyakukhathalela okwalo. Inkathazo yosuku yanele lona.”


Singcono isandla esisodwa esigcwele ukuthula, kunezimbili ezigcwele umshikashika, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Uzuzani osebenzayo ngomshikashika wakhe na?


Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?


siphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla;


Ngakho-ke mina ngincoma ukuzijabulisa, ngokuba akukho okungcono kumuntu phansi komthunzi welanga, ngaphandle kokuba adle, aphuze, azijabulise, ngokuba lokhu kuyohlala kunaye emshikashikeni wokuphila kwakhe, ngezinsuku uNkulunkulu amuphe zona phansi komthunzi welanga.


Yebo, zonke izinsuku zakhe uzichithele ebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni nasekuguleni nasolakeni.


umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.


Ningafuni ukuthi niyakudlani nokuthi niyakuphuzani; ningakhathazeki ngalokho.


Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu nangemizimba yenu ukuthi niyakudlani, nanokuthi niyakwembathani.


“Ngalokho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla, nomzimba kunesembatho na?


Iphango lesisebenzi liyasisebenzela, ngokuba siqhutshwa yindlala.


ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bezikhandla.


Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite