Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 2:17 - IsiZulu 2020

17 Ngase ngikuzonda ukuphila ngoba umsebenzi owenziwa phansi komthunzi welanga ungububi kimi. Konke kuyize, kufana nokubamba utalagu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngase ngizonda ukuphila, ngokuba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga mubi kimi, lokhu konke kuyize nokufuna umoya nje.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngakho ngakuzonda ukuphila; ngokuba unzima kimi umsebenzi owenziwa phansi kwelanga, ngokuba konke kuyize, nokugula emoyeni.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 2:17
20 Referans Kwoze  

Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.


Kuthe lapho selibalele likhipha umkhovu etsheni, uNkulunkulu wathumela umoya weshisandlu. Ilanga lahlaba ekhanda likaJona waze wacishe waquleka. Wazicelela kuNkulunkulu ukuba afe, ethi: “Kungcono ukufa kunophila.”


Ngacabanga ukuthi asebefile bangcono kunalabo abasaphila;


Kungani ungibonisa ububi, uthalalise ngenkathazo na? Imbubhiso nobudlova kuphambi kwami; kukhona ukulwa nombango okudlangile.


Manje Simakade, ngiyakucela ukuba ungibulale ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.


Kungcono ukubona ngamehlo, kunokulangazelela kwenhliziyo; lokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Phezu kwalokho ngabona ukuthi phansi komthunzi welanga, esikhundleni sobulungiswa, kunenkohlakalo; esikhundleni sobuqotho, kunobubi.


Umuntu utholani ngakho konke ukushikashikeka nokukhandleka kwakhe phansi komthunzi welanga na?


Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu!


Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani, nokuthi bonke abantwana babantu wabadalela ize.


Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.


Yena wahamba uhambo losuku ehlane, waze wayohlala phansi kwesihlahla sonwele. Enhliziyweni yakhe wafisa ukufa, wathi: “Sekwanele manje, Simakade! Sale usuwuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunokhokho bami.”


Vele wenza lokhu kimi ukuba ungibulale; ngiyakuncenga, ngibulale ngokushesha ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ungangivumeli ngibone usizi lwami.”


Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu.


kodwa ongcono kakhulu yilowo ongakazalwa, ongakayiboni imisebenzi emibi eyenzeka phansi komthunzi welanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite