Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 2:15 - IsiZulu 2020

15 Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Okwehlela isiwula, nami kuzongehlela. Pho kungani ngihlakaniphe kakhulu na?” Ngathi enhliziyweni yami: nalokho kuyize.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula ngiyakwehlelwa nami; ngisidluleleni ngokuhlakanipha na?” Ngathi-ke enhliziyweni yami ukuba nalokho kwakuyize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula, kuyangehlela nakimi; futhi kungani ngangihlakaniphe? Ngase ngithi enhliziyweni yami nalokhu kuyize.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 2:15
9 Referans Kwoze  

Umuntu ohlakaniphile ungcono ngani koyisiwula na? Umuntu ompofu, okwazi ukuziphatha kahle phambi kwabantu, utholani na?


Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu!


Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nesiwula, ngoba ngokuhamba kwezinsuku, bobabili bayalibaleka. Kungenzeka kanjani ukuthi ohlakaniphile afe njengesiwula na?


Ukwanda kokuhlakanipha kwandisa inkathazo; owandisa ulwazi, wandisa usizi.”


Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Ngizuze ukuhlakanipha okukhulu ukwedlula bonke abangendulela ekubuseni eJerusalema. Yebo, inhliziyo yami izuze ukuhlakanipha okukhulu nokuqonda.


“Ize leze,” kusho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize!”


uyabona-ke, ngenzile njengokwezwi lakho. Ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda; okungazange kube khona namunye owake wafana nawe phambilini, futhi okungayikuba bikho oyovela emva kwakho.


Ngokwanda kwamazwi, kwanda nokuyize, umuntu ngabe ungcono ngani na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite