Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 12:11 - IsiZulu 2020

11 Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila, anjalo namazwi aqoqwe ngumalusi munye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Amazwi abahlakaniphileyo anjengezincijo, nezigaba zawo zinjengezipikili ezinamatheleyo, ephiwe nguMalusi munye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Amazwi abahlakaniphileyo anjengezinkandi nezipikili ezibethelwe ngabaholi bamabandla, ezinikezwe ngumalusi oyedwa.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 12:11
21 Referans Kwoze  

Phela izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nganhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukaniswe umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha, lehlulela imicabango, nezizindlo zenhliziyo.


Sebekuzwile lokho, bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPhethro nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, sizokwenzenjani na?”


Ngiyakubeka kuzo umelusi, azeluse: inceku yami uDavide; uyakuzelusa, abe ngumelusi wazo.


“Izwi lami alinjengomlilo yini, nanjengesando esiqhekeza idwala na?” kusho uSimakade.


ngokuba izikhali esilwa ngazo akusizo ezenyama, kodwa ngoNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, zichithe imidlinzo emibi,


UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, kodwa awukwazi lokho na?


Iyokwelusa umhlambi wayo njengomelusi, iqoqe izimvana ngezingalo zayo, izigone esifubeni sayo, ihole ngesinono izindlezane.


Beka indlebe yakho, uzwe amazwi ezihlakaniphi, usigcine enhliziyweni yakho isifundiso sami,


ukuze aqonde izaga, nemizekeliso, namazwi ezihlakaniphi.


“Mina ngingumelusi omuhle. Ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi,


Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


Ngiyomqinisa njengesikhonkwane endaweni eqinileyo, abe yisihlalo sokuhlonipheka endlini kayise.


Lalela, Malusi ka-Israyeli, Wena ohola uJosefa njengomhlambi. Uhlezi phezu kwamakherubhi, khazimula


USimakade ungumelusi wami, angiyukuswela.


Kuyakuthi lapho uMelusi omkhulu esebonakaliswa, nizuze umqhele wenkazimulo ongabuniyo.


Kepha uNkulunkulu wokuthula, owakhuphula kwabafileyo umelusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano saphakade, iNkosi yethu uJesu,


“Kepha manje uSimakade uNkulunkulu wethu usenzele umusa okwesikhashana, washiya insali, wasenza saba nesabelo endaweni yakhe engcwele ukuze akhanyise amehlo ethu, asinike ikhefu, asophule ebugqileni bethu.


Nokho wawubamba umcibisholo wakhe, zaqiniswa izingalo zakhe ngonaMandla kaJakobe, okuvela kuye uMelusi oyidwala lika-Israyeli,


Kungcono ukulalela ukusola kohlakaniphileyo, kunokulalela iculo leziwula.


Amazwi ohlakaniphileyo amlethela udumo, kodwa awesiwula ayasibhubhisa.


Izindebe zolungileyo zondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite