Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 12:1 - IsiZulu 2020

1 Khumbula uMdali wakho ezinsukwini zobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, neminyaka ingakasondeli oyothi ngayo: “Angithokozi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: “Angithokozi ngayo;”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Cabanga ngoMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingasondeli iminyaka, uma uthi: Angithokozi ngayo;

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 12:1
40 Referans Kwoze  

Kuhle ukuba umuntu athwale ijoka esemusha.


Noma umuntu angaphila iminyaka eminingi, makathokoze ngayo yonke, nokho makakhumbule ukuthi izinsuku zobumnyama zizoba ziningi. Konke okuzayo kuyize.


Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile angasuki kuyo.


Kepha uJesu wababiza, ethi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanje.


Wozani bantwana, lalelani kimi, ngizonifundisa ukwesaba uSimakade.


nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.


Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa, kuthi uma ziziningi, zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.


Susa ukungeneliseki engqondweni yakho, uxoshe ubuhlungu emzimbeni wakho, ngokuba ubusha nokuqala kokuphila kuyize.


Ngiyabathanda abangithandayo; nalabo abangifunisisayo, bayangifumana.


Namuhla ngineminyaka engama-80; ngisakwazi yini ukwehlukanisa okuhle nokubi na? Inceku yakho isengakuzwa nje ekudlayo nekuphuzayo? Kepha ngingabe ngisalizwa yini izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Kungani inceku yakho izoba ngumthwalo enkosini yami, inkosi na?


Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuSimakade nakubantu.


USimakade wayenaye uJosefa, wamphumelelisa kukho konke. UJosefa wahlala endlini yenkosi yakhe yaseGibhithe.


Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.


Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”


Umphathijele akabange esazikhathaza ngalutho, ngokuba konke kwakusesandleni sikaJosefa, futhi uSimakade wayemphumelelisa kukho konke akwenzayo.


Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.


Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


Simakade siyakulindela endleleni yezehlulelo zakho. Umphefumulo wami ulangazelela igama lakho, nezikhumbuzo zakho.


USamuweli wakhonza uSimakade kusukela esemncane. Wayegqoka ingubo yamahlombe eyenziwe ngelineni.


“Kuyakuthi sengikushiyile, uMoya kaSimakade ukuthathe ukuyise lapho ngingazi khona, lapho sengifika ngimbikela u-Ahabi, bese engakufumani, uyakungibulala, kepha mina, nceku yakho, ngiyamesaba uSimakade kwasebusheni bami.


ngakho-ke nami ngimnikela kuSimakade ukuba ngazo zonke izinsuku zokuphila kwakhe abe ngokaSimakade.” Wakhothama kuSimakade elapho.


Abafokazi badle amandla akhe, kodwa yena akazi; izinwele zakhe seziyaqhakaza, kepha yena akazi.


Ngingazuzani emandleni ezandla zabo, njengoba sebentekenteke na?


U-Israyeli wonke uyomlilela, ammbele, ngokuba nguye kuphela owomndeni kaJerobhowamu oyongcwatshwa ethuneni, lokhu uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli efumene okuhle kuye, endlini kaJerobhowamu.


“Kepha uyomkhumbula uSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba nguye okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe afunga ngaso kokhokho bakho, njenganamuhla.


Ngakubona lokho, ngaphakama, ngathi kubaholi nezikhulu nakubantu bonke: “Ningazesabi. Khumbulani iNkosi enamandla neyesabekayo, nilwele abafowenu, abantwana benu, omkenu nemizi yenu.”


lapho ngikukhumbula embhedeni wami, ngizindla ngawe kwesikabhadakazi.


Simakade, ebusuku ngikhumbula igama lakho, ngigcine umthetho wakho.


Yipha abayisikhombisa isabelo sakho, kanjalo abayisishiyagalombili, ngokuba awazi ukuthi bubi buni obungahle behlele umhlaba.


Inceku yakho isingahamba ibangana nje ukuweza inkosi. Pho kungani inkosi ifuna ukungiklomelisa ngomklomelo ongaka na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite