Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 11:5 - IsiZulu 2020

5 Njengalokhu ungazi ukuthi umphefumulo ungena kanjani emathanjeni esibelethweni sowesifazane okhulelweyo, kanjalo kawuwazi umsebenzi kaNkulunkulu owenza izinto zonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi, nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo, kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Njengoba nje ungayazi indlela yomoya nokuthi akhula kanjani amathambo esibelethweni sokhulelweyo, kanjalo awuyazi imisebenzi kaNkulunkulu owenza zonke izinto.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 11:5
19 Referans Kwoze  

Umoya uvunguza lapho uthanda khona. Uyawuzwa umsindo wawo, kodwa awuwazi lapho uqhamuka khona nalapho uqonde khona. Banjalo-ke bonke abazelwe nguMoya.”


Simakade, yeka ubukhulu bemisebenzi yezandla zakho! Imicabango yakho ijule kakhulu.


ngabona yonke imisebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu ngeke ayiqonde yonke imisebenzi eyenzeka phansi komthunzi welanga. Noma umuntu angazihlupha kangakanani eyifunisisa, ngeke ayithole, noma ohlakaniphile angathi uyazi, ngeke ayifumane.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Awuzange wazi yini? Awuzwanga yini na? USimakade unguNkulunkulu ongunaphakade, uMdali wemikhawulo yomhlaba, akapheli amandla, akakhathali; nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.


Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Okusemajukujukwini nokusekujuleni, ngubani ongakufumana na?


Simakade Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe, uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.


Wawukuphi lapho ngibeka izisekelo zomhlaba na? Ngitshele uma ukwazi ukuqonda.


USomandla singemqonde, mkhulu ngamandla nangobulungiswa, ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.


Yena owenza izinto ezinkulu, ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


Umoya uvunguza uye eningizimu, uphendukele enyakatho, uphenduphenduke, ubuyele lapho uqale khona.


Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo.


Ngiwubonile umshikashika uNkulunkulu awunike abantu ukuba babe matasatasa ngawo.


Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo.


Onaka umoya akasoze atshala; nalowo onaka amafu akasoze avuna.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite