Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 11:1 - IsiZulu 2020

1 Phonsa isinkwa sakho emanzini, ngokuba uzosithola emva kwezinsuku eziningi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi, ngokuba uyakusifumana emva kwezinsuku eziningi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Phonsa isinkwa sakho phezu kwamanzi, ngokuba uzasithola emva kwezinsuku ezinengi.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 11:1
21 Referans Kwoze  

Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, ungasiphumuzi isandla sakho kuze kuhlwe, ngokuba kawazi ukuthi yiyiphi ezomila; yilena noma yileya, noma zombili zizoba zinhle ngokufanayo.


Onomusa kompofu wetsheleka uSimakade; uyakuthola umvuzo.


Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.


Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa nje yamanzi aqandayo, ngokuba lowo engumfundi, ngiqinisile ngithi kini: kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”


Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.


Nibusisiwe nina enitshala ngasemifuleni yonke, enivumela izinkabi nezimbongolo zihambe ngokukhululeka.


uyakubusiswa, ngokuba abananto yokukubuyisela, kepha uyakuthola umvuzo ekuvukeni kwabalungileyo.”


Kodwa ohloniphekileyo uceba okuhloniphekileyo, futhi umi ngezinto ezihloniphekile.


“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’


Ophanayo uyobusiswa, ngoba wabelana ukudla nabampofu.


Isikhohlakali sizuza ngokukhohlisa, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo weqiniso.


Uma lelo khaya lifanele, ukuthula kwenu makube phezu kwalo, kodwa uma lingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini.


uju, izaqheqhe, izimvu, noshizi, bakuletha kuDavide nakubantu ababenaye ukuze badle, ngokuba bathi: “Abantu balambile, bakhathele, futhi bomile ehlane.”


Ngonyaka wesihlanu niyokudla izithelo zayo, ukuze ithele kakhulu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


isikhathi sokufuna, nesikhathi sokulahlekelwa; isikhathi sokulondoloza, nesikhathi sokusaphaza;


Kanjalo neyayithole amabili, yazuza amanye amabili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite