Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 10:19 - IsiZulu 2020

19 Ukudla kwenzelwe ukwenama, newayini ukuba kuthakaswe, imali iyimpendulo yezinto zonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Idili lenzelwa ukuhleka, newayini liyenamisa ukuphila, kepha imali iyimpendulo yakho konke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Umkhosi wenziwa inhlekisa, iwayini liyajabulisa, kodwa imali iphendula konke.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 10:19
33 Referans Kwoze  

newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Ngokuba isikhathi esedlule sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe, ukuphila ngamanyala edlulele, ngezinkanuko, ngokudakwa, ngokuminza, ngokuxokozela nangokukhonza izithombe okuyichilo.


Bese ngithi emphefumulweni wami: “Mphefumulo, usunezimpahla eziningi ezilondolozelwe wena iminyaka eminingi. Ngakho-ke phumula, udle, uphuze, futhi ujabule.”’


Kunesililo emigwaqweni, kukhalelwa iwayini; yonke intokozo iphele nya, injabulo yezwe ixoshiwe.


Ubapha ngesihle abantulayo, ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade, amandla akhe ayophakama ngodumo.


Abafundi bazimisela ukuba kube yilowo nalowo ngangamandla akhe, bathumele okokusiza abazalwane eJudiya.


Bathengisa ngomhlaba nangempahla, bababela bonke ngangokwezidingo zabo.


Nami ngithi kini: zenzeleni nina abangani ngomamona ongalungile, ukuze kuthi nxa esephelile, banemukele emakhaya aphakade.


uJowana umkaKhuza, induna kaHerodi, uSusana, nabanye abaningi ababebalekelela ngalokho ababenakho.


UJesu wathi kuyo: “Uma uthanda ukuba ngopheleleyo, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, yikhona uyoba negugu ezulwini, bese uza ungilandele.”


Kepha-ke ukuze singabakhubekisi, hamba uye olwandle, uphonse udobo, uthathe inhlanzi eyakubanjwa kuqala; kuyakuthi lapho usuyivule umlomo, ufumane imali; yithathe, ubanike yona, uthelele Mina nawe.”


Intengo yalo nenzuzo yalo kuyoba ngcwele kuSimakade; ayiyukunqwatshelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyoba ngeyabahlala phambi kukaSimakade, ukuze badle, basuthe, babe nezingubo ezinhle.


Ngathi kulo: “Sisanda kubahlenga ngokusemandleni ethu abafowethu abangabaJuda, abebekade bethengiselwe ezinye izizwe; manje senidayisa ngabafowenu, sekufanele sibathenge kini na?” Bathula bathi du, ngoba bengenamazwi okuphendula.


Omakhelwane babo babasiza ngezinto zesiliva nezegolide nangezinye izinto, nemfuyo nezinto eziyigugu, ngale nje komnikelo wesihle ababewunikelela ithempeli.


Inkosi uDavide yathi ku-Orinani: “Qha, ngiyakukukhokhela konke imali epheleleyo, ngokuba angizukumthathela uSimakade okungokwakho, noma nginikele umnikelo wokushiswa ongabizanga lutho.”


U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


U-Abhigayili wabuyela kuNabali; wafica enesiphihli sedili endlini yakhe, kungathi yidili lenkosi. Inhliziyo kaNabali yayithakasile ithe cosololo, ephuze kakhulu. U-Abhigayili akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.


“Umvini waphendula wathi: ‘Ngiyeke yini ukukhiqiza iwayini elithokozisa onkulunkulu nabantu, ngihambe ngiyobusa phezu kwemithi, na?’


Baphakelwa izabelo zabo etafuleni likaJosefa, kodwa esikaBhenjamini sasiphindwe kahlanu kunezabanye. Baphuza, bathokoza naye.


Hamba, udle ukudla kwakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho uthokozile enhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu uvele ukuvumele lokhu okwenza manje.


Ngacabanga enhliziyweni yami ukuthi ngingazithokozisa kanjani ngewayini, ingqondo yami ibe iholwa ngukuhlakanipha, ukuze ngikwazi ukubamba ubuwula, ngize ngibone okuhle abantu abakwenza phansi komthunzi welanga ngezinsukwana zokuphila kwabo.


Uyise wehla, waya kowesifazane, uSamsoni wenza idili lapho njengokuba izinsizwa zazijwayele ukwenza.


Ngosuku lwesikhombisa, inkosi seyeneme kakhulu ngenxa yewayini, yayala abathenwa ababengabasizi bayo, uMehumani, uBhizitha, uHaribhora, uBhigitha, u-Abigitha, uZethari noKarikhasi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite