Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 10:14 - IsiZulu 2020

14 Isiwula sikhuluma amagama amaningi, kodwa akukho muntu owaziyo ukuthi kuzokwenzekani, nongasho ukuthi yini ezolandela uma sesifile?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Isiwula siyandisa amazwi, nokho umuntu akazi okuyakuba khona; nalokho okuyakuba ngasemva kwakhe, ngubani ongamtshela lokho na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngisho nesiwula sigcwele amazwi; umuntu akakwazi ukusho ukuthi kuzoba yini; futhi okuzokwenzeka emva kwakhe, ngubani ongamtshela?

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 10:14
13 Referans Kwoze  

Ulimi lwabahlakaniphileyo lukhombisa ulwazi oluhle, kodwa umlomo weziwula uphafuza ubuwula.


akazi ukuthi kuzokwenzekani, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi izokwenzeka kanjani?


Konje ngubani owaziyo ukuthi yini enhle kumuntu ngesikhathi esaphila lezi zinsukwana zempilo yakhe eyize, eyedlula njengethunzi na? Ngubani ongasho kumuntu ukuthi yini ezokwenzeka phansi komthunzi welanga nxa esefile na?


Ngokuba iphupho livela nemisebenzi eminingi; nezwi lesiwula linamagama amaningi.


Ngakho-ke ngabona ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngomsebenzi wakhe, ngokuba lokho kuyisabelo sakhe; ngubani ongamenza abone okuyakwenzeka nxa esefile na?


Lapho kunokukhuluma okuningi akupheli ukona; othiba ulimi lwakhe uhlakaniphile.


uJobe uvula umlomo wakhe, akhulume okuyize, wandisa amazwi engenalwazi.”


Uyenezelela ukuhlubuka esonweni sakhe, ushaya izandla phakathi kwethu, akhulume amazwi amaningi kuNkulunkulu.”


Ngosuku lwempumelelo, jabula; ngosuku lwenhlupheko, qaphela; nguNkulunkulu ozenzile zombili lezi zinsuku. Ngakho-ke umuntu ngeke akwazi ukubona okuyoba khona uma esefile.


Konke lokhu ngakucabangisisa enhliziyweni yami, ngihlola ukuthi kungani abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma luthando noma yinzondo, akekho umuntu okwazi konke okuphambi kwakhe.


Umshikashika weziwula uyazikhandla zingabe zisayazi indlela eqonde emzini.


“ ‘ “Nizikhukhumezile kimi ngomlomo wenu, naphindaphinda amazwi enu. Mina ngizwile.” ’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite