Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 10:12 - IsiZulu 2020

12 Amazwi ohlakaniphileyo amlethela udumo, kodwa awesiwula ayasibhubhisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa, kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Amazwi omlomo womuntu ohlakaniphileyo anomusa; kepha izindebe zesiwula ziyakuzigwinya.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 10:12
36 Referans Kwoze  

Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


Bonke bakhuluma kahle ngaye, bemangaliswa ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Kanti lo akasiyo yini indodana kaJosefa na?”


Othanda inhliziyo ehlanzekileyo nonenkulumo enomusa, ungumngani wenkosi.


Ulimi lwabahlakaniphileyo lukhombisa ulwazi oluhle, kodwa umlomo weziwula uphafuza ubuwula.


Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo.


“Wathi kuyo: ‘Ngizakwehlulela ngamazwi akho, wena nceku embi. Ubuwazi kahle ukuthi ngingumuntu olukhuni: ngithatha engingazange ngikubeke, ngivune engingakuhlwanyelanga.


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


Uma evula umlomo wakhe kuphuma ukuhlakanipha, nesifundiso somusa sisolimini lwakhe.


Njengeva elihlaba isandla sesidakwa, sinjalo nesaga emilonyeni yeziwula.


Ufakazi wamanga akayukuyekwa angajeziswa, nophafuza amanga akayukuphunyuka.


Umuntu uyathokoza ngempendulo yakhe, nezwi elikhulunywa ngesikhathi esifaneleyo lihle kakhulu.


Ukukhuluma kwabanye ngokuhlaphaza kufana nokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luyaphilisa.


Ocifa iso udala usizi, kepha osola obala uletha ukuthula.


Ohlakaniphile ngenhliziyo uyayemukela imiyalelo, kodwa isiwula esiyiqhalaqhala, esiphafuza ubuwula, siyakubhujiswa.


Abangibunganyele mabasibekelwe ngububi bomlomo wabo.


Bayakuwiswa, bahilwe lulimi lwabo, bonke abababonayo bayonikina amakhanda.


Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha, ulimi lwakhe lukhuluma ubulungiswa.


Benginganikhuthaza ngomlomo, induduzo yezindebe zami idambise izinhlungu zenu.


UDavide wathi kuyo: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaSimakade.’ ”


Isiwula sisonga izandla zaso, sidle inyama yaso.


Ukukhulumela phansi kwabahlakaniphile kuyalalelwa kunokumemeza kombusi phakathi kwezilima.


Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila, anjalo namazwi aqoqwe ngumalusi munye.


Ungasheshi ukhulume ngomlomo wakho, futhi ungayivumeli inhliziyo yakho iphimise izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba Yena usezulwini, wena usemhlabeni, ngakho-ke mawabe mbalwa amazwi akho.


Umlomo wakho mawungakuholeli esonweni, ungasho phambi kwesithunywa ukuthi lokho kuliphutha. Kungani uNkulunkulu ewathukuthelela amazwi akho, abhubhise umsebenzi wezandla zakho na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite