Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 10:10 - IsiZulu 2020

10 Uma imbazo ibuthuntu, umuntu engayilolanga, usebenzisa amandla amakhulu; kodwa ukuhlakanipha kuletha ithuba lempumelelo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Uma insimbi ibuthuntu, umuntu engaloli usiko, uyakhamelela ngamandla; kepha okusizayo ukuphumelelisa kungukuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Uma insimbi ibuthuntu futhi engakaloli ubukhali, kumelwe anikeze amandla engeziwe; kodwa ukuhlakanipha kuyasiza ekuqondiseni.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 10:10
20 Referans Kwoze  

Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.


Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.


Umshikashika weziwula uyazikhandla zingabe zisayazi indlela eqonde emzini.


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kepha yibani njengezingane ebubini, ekuqondeni nibe ngabakhulileyo.


Ngakho-ke yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukuze ikwazi ukubusa abantu bakho, ikwazi ukwehlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ngokuba ngubani ongabusa lesi sizwe sakho esikhulu kangaka na?”


Ngokuba njengoba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke, ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kodwa ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi.


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Kwabozalo luka-Isakhare, labo ababeqonda ngezikhathi ukuba bazi okufanele kwenziwe ngu-Israyeli; izinhloko zabo ezazingama-200; bonke abafowabo balalela izwi labo.


Uma ngilola inkemba yami ebengezelayo, isandla sami sibambelele ekwehluleleni, ngiyophenduka ngiphindisele kwabamelene nami, ngiphindisele kwabangizondayo.’ ”


Ngabona ukuthi ukuhlakanipha kungcono kunobuwula, njengoba nokukhanya kungcono kunobumnyama.


Omba amatshe ulinyazwa yiwo; nocanda izinkuni ulinyazwa yizo.


Uma inyoka iluma ingalunjiwe, akanalusizo lwalutho umlumbi.


Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kodwa isikhohlakali sisinye sibhubhisa okuhle okuningi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite