Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 1:6 - IsiZulu 2020

6 Umoya uvunguza uye eningizimu, uphendukele enyakatho, uphenduphenduke, ubuyele lapho uqale khona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Umoya uya ngaseningizimu, uzungeze, uye ngasenyakatho; uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo, nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umoya uya eningizimu futhi uphendukela enyakatho; uzungeza njalo, nomoya ubuya emijikelezweni yawo.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 1:6
11 Referans Kwoze  

Umoya uvunguza lapho uthanda khona. Uyawuzwa umsindo wawo, kodwa awuwazi lapho uqhamuka khona nalapho uqonde khona. Banjalo-ke bonke abazelwe nguMoya.”


Njengalokhu ungazi ukuthi umphefumulo ungena kanjani emathanjeni esibelethweni sowesifazane okhulelweyo, kanjalo kawuwazi umsebenzi kaNkulunkulu owenza izinto zonke.


Wathulisa isiphepho, kwathula du, kwathula namadlambi olwandle.


ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho owaphakamisa amadlambi olwandle.


wena ozembatho zakho zifudumele, lapho umhlaba uthule ngenxa yeshisandlu na?


Isikhwishikhwishi siphuma engosini yaso, namakhaza avela emoyeni ohlabayo.


Yafika imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya; zayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”


“Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.


Kepha uSimakade wathumela isishingishane olwandle, kwaba nesiphepho esikhulu kwaze kwangathi umkhumbi uyahlephuka.


Yonke imifula igelezela olwandle, kodwa ulwandle alugcwali; lapho imifula ike yageleza khona, isayophinde futhi igeleze khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite