Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 1:3 - IsiZulu 2020

3 Uzuzani umuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi komthunzi welanga na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga na?

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 1:3
23 Referans Kwoze  

Uzuzani osebenzayo ngomshikashika wakhe na?


Nalokho kungububi obudabukisayo; wafika kanjalo, uzohamba kanjalo futhi, nzuzoni ayitholile ngokushikashikela umoya na?


Umuntu utholani ngakho konke ukushikashikeka nokukhandleka kwakhe phansi komthunzi welanga na?


Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”


Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okungenelisiyo na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


Kwazi bani ukuthi uzokuba yisihlakaniphi noma yisiwula na? Nokho nguyena ozokwengamela wonke umshikashika wami, asebenzise nokuhlakanipha kwami phansi komthunzi welanga. Nalokho kuyize.


Uyabona-ke, akuveli yini kuSimakade Wamabadla, ukuthi abantu bakhandleke ukuze banelise umlilo, nezizwe zizikhathaze ngokuyize na?


Ngabuye ngabona okunye phansi komthunzi welanga, okube yisibonelo esikhulu sokuhlakanipha kimi.


Kubo uthando nenzondo nomona sekuphelile, abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi komthunzi welanga.


Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.


Ukuhlakanipha kuhle njengefa, futhi kusiza labo abasalibona ilanga.


Konje ngubani owaziyo ukuthi yini enhle kumuntu ngesikhathi esaphila lezi zinsukwana zempilo yakhe eyize, eyedlula njengethunzi na? Ngubani ongasho kumuntu ukuthi yini ezokwenzeka phansi komthunzi welanga nxa esefile na?


Ngase ngiyabona ukuthi yini enhle nemnandi: ngukudla, ukuphuza, nokuthokozela wonke umshikashika awukhandlekele phansi komthunzi welanga, kulezi zinsukwana zokuphila uNkulunkulu amuphe zona, ngokuba kuyisabelo sakhe lokho.


kodwa ongcono kakhulu yilowo ongakazalwa, ongakayiboni imisebenzi emibi eyenzeka phansi komthunzi welanga.


Sisiza ngani isithombe, ngokuba umbazi usibazile, nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga, ngokuba osibumbileyo wethembele kuwo ngokwenza izithombe eziyizimungulu na?


Ngabuye ngabona ize phansi komthunzi welanga:


ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bezikhandla.


Ngawuzonda wonke umshikashika wami engawushikashika phansi komthunzi welanga, lapho ngibona ukuthi ngizowushiyela ozoza emuva kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite