Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 1:2 - IsiZulu 2020

2 “Ize leze,” kusho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize!”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Ize leze,” usho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 “Yize leze,” usho uMshumayeli, okuyize okuyize; konke kuyize.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 1:2
23 Referans Kwoze  

Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.


Ngokuba indalo yabekwa phansi kobuze, kungengentando yayo, kodwa ngentando yowayibekayo, ngethemba lokuthi,


Othanda imali akaneliswa yiyo; nothanda ingcebo akaneliswa yinzuzo ayitholayo, nalokho kuyize.


“Yize leze, konke kuyize,” kusho uMshumayeli.


Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.


Kwazi bani ukuthi uzokuba yisihlakaniphi noma yisiwula na? Nokho nguyena ozokwengamela wonke umshikashika wami, asebenzise nokuhlakanipha kwami phansi komthunzi welanga. Nalokho kuyize.


Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.


Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe uwusizi; nasebusuku ingqondo yakhe ayikutholi ukuphumula. Nalokho kuyize.


Ngase ngikuzonda ukuphila ngoba umsebenzi owenziwa phansi komthunzi welanga ungububi kimi. Konke kuyize, kufana nokubamba utalagu.


Noma umuntu angaphila iminyaka eminingi, makathokoze ngayo yonke, nokho makakhumbule ukuthi izinsuku zobumnyama zizoba ziningi. Konke okuzayo kuyize.


Ngokwanda kwamazwi, kwanda nokuyize, umuntu ngabe ungcono ngani na?


umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Ngokuba okuvelela abantu kuyafana nokwehlela izilwane; njengoba umuntu efa, kanjalo nesilwane siyafa. Konke kunomoya ofanayo, umuntu akazedluli izilwane, ngokuba konke kuyize.


Ngokuba kuyenzeka ukuba umuntu umshikashika wakhe awenze ngokuhlakanipha nangolwazi nangekhono, kodwa kufanele awushiyele umuntu ongakaze awukhandlekele, ube yifa lakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu.


Susa ukungeneliseki engqondweni yakho, uxoshe ubuhlungu emzimbeni wakho, ngokuba ubusha nokuqala kokuphila kuyize.


babengenakubalwa laba bantu ayebahola. Kodwa abeza emva kwakhe abayukuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Okwehlela isiwula, nami kuzongehlela. Pho kungani ngihlakaniphe kakhulu na?” Ngathi enhliziyweni yami: nalokho kuyize.


Uma umuntu ongahlakaniphile engaba ngohlakaniphileyo, nethole lembongolo yasendle lingazalwa lingumuntu.


Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani, nokuthi bonke abantwana babantu wabadalela ize.


Ngaziqongelelela isiliva, negolide, nengcebo yamakhosi neyezifundazwe. Ngaqoqa abahlabeleli besilisa nabesifazane, nalokho okuthokozisa amadodana abantu, nezancinza eziningi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite